Kamogelo Olaitan
Njengabaningi e-Ukraine, abantu base-Afrika, ikakhulukazi abafundi, bazama ukubalekela izwe elikhungethwe yimpi kulandela ukuhlasela kwe-Russia okuqale ngoLwesine oledlule.
Kodwa abafundi basakhungathekile njengoba bethi babhekane nokucwasa njengoba bezama ukushiya i-Ukraine.
Amavidiyo anyanyekayo asabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana akhombisa onogada bomngcele wase-Ukraine benza kube nzima ukuthi abantu abamnyama base-Afrika baphume kuleliyazwe kanti amanye amavidiyo akhombisa benqatshelwa ukugibela amabhasi nezitimela ezisuka kuleliyazwe.
Abafundi base-Afrika, iningi labo abenza izifundo zobudokotela e-Ukraine, bavela e-Ghana, e-Kenya, eNingizimu Afrika, e-Nigeria, e-Ethiopia kanye nase-Somalia.
Abafundi asebenezinsuku belala emigwaqeni baveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bavinjiwe ukuthi bawelele emazweni angomakhelwane ekubeni abamhlophe bevunyelwa ukuwela.
Esitatimendeni esithunyelwe nguhulumeni wase-Nigeria ku-Twitter ngoMsombuluko, uMengameli uMohammadu Buhari uzwakalise ukuphoxeka ngemibiko eqhubekayo yokuphathwa kabi kwabanye abantu base-Nigeria nabakwamanye amazwe ase-Afrika abazama ukubaleka kuleliyazwe.
“Bonke ababalekela impi banelungelo elifanayo lokuwela imingcele ngokuphephile ngaphansi kweSivumelwano se-UN, futhi umbala wephasiphoti yabo noma isikhumba sabo akufanele kwenze mehluko,” kusho uBuhari ku-Twitter.
Owase-Nigeria ogama lakhe ngu-Isaac, obezama ukuwelela e-Poland, uthe abasebenzi basemngceleni bamtshele ukuthi “ababasizi abantu base-Afrika”.
“Sibuyiselwe emuva, sashawa ngamaphoyisa abehlome ngezinduku,” etshela i-BBC.
Omunye umfundi waseNyuvesi wase-Nigeria uRuqqaya, ofundela ubudokotela e-Kharkiv, uthe uhambe amahora angu-11 ubusuku bonke ngaphambi kokuba afike endaweni yase-Medyka ewelela e-Poland.
“Ngesikhathi ngifika lapha bekunabantu abamnyama abebelele emigwaqeni. Onogada ababehlomile bangitshele ukuthi ngilinde njengoba bekufanele kudedelwe abase-Ukraine ukuthi bawele kuqala,” esho.
Bangaphezu kuka-500,000 abantu base-Ukraine okubikwa ukuthi bakwazile ukubalekela ukuhlasela kwe-Russia kuze kube manje.
Amasosha emngceleni wase-Poland atshele i-BBC ukuthi wonke umuntu obaleka e-Ukraine wamukelwe e-Poland kungakhathalekile ukuthi ungowabuphi ubuhlanga.
UNgqongqoshe Wezangaphandle e-Nigeria uGeofrey Onyeama uthe ukhulume nozakwabo wase-Ukraine uDmytro Kuleba oqinisekise ukuthi onogada basemngceleni wase-Ukraine banikezwe umyalelo wokuthi bonke abaphuma emazweni angaphandle ababaleka e-Ukraine badlule ngaphandle kwemibandela.
UMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana (i-Dirco) ukugxekile ukucwasa okubhekiswe kubantu base-Afrika ababebaleka e-Ukraine.
Okhulumela i-Dirco uClayson Monyela uthe kunezinhlelo zokususa abantu baseNingizimu Afrika e-Ukraine.
“Sinabantu baseNingizimu Afrika ababalelwa ku-200 ababhalise ehhovisi lethu futhi inxusa lethu e-Ukraine u-Andre Groenewald ubematasa ehlela ukuphuma kwabo kuleliyazwe. Ngenxa yesimo sakuleliyazwe kudingeke ukuthi sithembele ezitimeleni njengendlela yokuthutha abantu,” kusho uMonyela.