Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abantwana baseNdlunkulu bayaziqhelelanisa nezinkulumo zikaMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu ezijivaza uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.
Lokhu kulandela ukuthi abanye abantwana kube namahlebezi okuthi yibo abathume uMchunu ukuba agxeke uButhelezi esidlangalaleni ngokuba nezikhundla eziningi ekubeni enguNdunankulu kaZulu futhi.
Kumavidiyo asabalele ezinkundleni zokuxhumana, uMchunu ukhwele wadilika kuButhelezi ithi akahlukane nokubamba zonke izikhundla, akhethe ukuthi ungusopolitiki noma ungumfundisi noma unguNdunankulu kaZulu.
Lokhu kukhuluma kuqhamuka nje, kuvele kuthiwa kukhona itulo okufakwa kulo abaNtwana bendlu yakwaMinyamanzi okuthiwa abamfuni uButhelezi.
UMntwana uSimphiwe Zulu wakwaMinyamanzi uphikile ukuthi kukhona abakwaziyo ngezinkulumo zikaMchunu.
“Iqiniso ukuthi uMchunu akukho lapho esikesaxoxa khona naye futhi nezinto ahambe ezikhuluma ezinkundleni zokuxhumana asizazi. Nathi sizibona sezisabalele. UNdunankulu kaZulu usebenza kahle kakhulu neNgonyama akukho esingathi sikhala ngakho,” kusho uMntwana uSimphiwe.
UMchunu umatasa ezinkundleni zokuxhumana ngegama likaButhelezi njengoba ethi akukwazi ukuthi angabangusopolitiki, abuye abenguMfundisi waseSheshi, abuye abenguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
“Iyangixaka lento yokuthi uma ngikhuluma izinto ezibalulekile esizweni bese kuthiwa ngithunyiwe. Nisho ukuthi mina ngiyisiphukuphuku angikwazi ukuzicabangela? Ngizoyilwa indaba kaButhelezi ngoba ngilwela isihlalo futhi ngiyoze ngimchithe. Thulani nibuke inkosi impela,” kusho uMchunu.
Yize ekhombisa ukuhlasela uButhelezi, kodwa uShenge ubonakala emuziba nosekuyophela inyanga engamphenduli ezinkulumweni zakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi noNdunankulu waphambilini ongasekho okunguMbtwana wakwaPhindangene naye wayenezikhundla eziningi.
Phakathi kwazo wayenguNdunankulu kaZulu kodwa ebuye abenguMengameli we-IFP, iLungu lePhalamende, uShansela waseNyuvesi yasoNgoye, abe iNkosi yakwaButhelezi, uNgqongqoshe wezaseKhaya, ibamba likaMengameli wezwe, abuye abenesikhundla esiphezulu ebandleni laseSheshi.
