Bacelwa ukuthi babekezele abalandeli beChiefs

Menzi Magubane

UMphathi weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Junior usenxuse abalandeli bakhe ukuthi babekezelele umqeqeshi u-Arthur Zwane ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wabo wokuvula isizini.

UMotaung ukholelwa ukuthi uZwane engakwazi ukuhola leli qembu ekutheni liwine indondo kule sizini yize ehlulwe emdlalweni wokuqala we-DStv Premiership.

NgoMgqibelo ebusuku iKaizer Chiefs ihlulwe ngo 1-0 iRoyal AM eThekwini kodwa uMotaung Jr uphinde wagcizelela ukuthembela kwakhe eqenjini elisha lezobuchwepheshe.

“Siyazi ukuthi leli qembu laziwa ngokuwina, asikalahlekelwa imiqondo yethu, yilokho esigxile kukho. Sibeke isikhathi sokuthi yini esifuna ukuyifeza. Kuzothatha isikhathi ukuthi sifike lapho kodwa ngeke kuthathe iminyaka eyishumi,” kusho uMotaung Jr kwi-SAfm.

Owayengumdlali weChiefs uqobo, wengeze ngokuthi ngaphansi kukaZwane bazokwenza konke okusemandleni abo kodwa okwamanje bazodinga ukuthi abalandeli babo bebaseke.

“Bonke abalandeli beChiefs bafuna ukuwina iligi nezindebe. Sifuna ukubuyela esikhathini samuva lapho esasikhonya khona futhi sihlula izimbangi zethu, ikakhulukazi izimbangi zethu zase-Soweto [i-Orlando Pirates  kanye neSwallows FC].”

IKaizer Chiefs yagcina ukuwina isicoco ngo-2015 ngesikhathi iwina iligi ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter.

“Kumele sibhekane namaqiniso. Siyakuqonda okwenzeka eminyakeni eyisikhombisa edlule. Manje sizithola sinomqeqeshi oliqonda ngokujulile isiko lebhola leqembu.

“Uziqonda ngokujulile izidingo zomdlali wase-Afrika. Sicela isizwe samaKhosi ukuthi simeseke kakhulu. UMangethe udinga ukuthi simeseke, kanye nabadlali bethu siphinde sibekezele,” kwengeza uMotaung Jr.

Njengamanje Amakhosi yilona kuphela iqembu le-premiership elingakasayinisi umdlali ophuma emazweni angaphandle.

UZwane uyakholelwa kubadlali bakuleli kodwa ngemuva kokuhlulwa iRoyal AM ukubeke kwacaca ukuthi ufuna okungenani omunye umgadli ozoqinisa iqembu.

Umthombo wesithombe: @OfficialPSL

Izihloko zakamuva