Lungi Langa
Abebehambele umcimbi wabathandana nabobulili obufanayo e-Vryheid KwaZulu-Natal ngoMgqibelo banxuse ukuthi kuvikelwe kakhulu umphakathi we-LGBTQI+.
Abathokozile basamukele isethembiso sikaNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu sokwenyuswa kwezidingongqangi, kodwa bathi basacwaswa uma bethola lezo zinsiza.
Kulo mbukiso wokuziqhenya uSimelane-Zulu unxuse abasebenzi bezempilo ukuthi bangaphathi kabi abantu bomphakathi we-LGBTQI+ abafuna usizo.
Ufunge wagomela ukuthi labo abaqhubeka nokubacwasa bazothathelwa izinyathelo ezifanele.
Amalungu omphakathi we-LGBTQI+ athe, athemba ukuthi ukuvakasha kuka-MEC kuzokwenza kube lula ukuthi bathole izinsiza ngaphandle kokucwaswa.
UZama Sangweni oneminyaka engu-26 wase-Mondlo uthe bavame ukucwaswa uma bezama ukuthola usizo lwezempilo nezinye izidingo ezihlinzekwa nguhulumeni. Uthe lokhu kuvame ukubakhuthaza ukuthi bafune usizo lwezempilo oluzimele noma bagcine bengalutholi usizo oluthile.
Ngasekuqaleni konyaka uMnyango umemezele ukuthi ubeke eceleni imali engaphezu kuka-R20 million emzamweni wokunciphisa ukutheleleka nge-HIV/Aids emphakathini we-LGBTQI+.
Ingxenye yalokhu kwaba ukuhlinzekwa kwama-dental dams amahhala, ama-lubricants kanye nama-finger cots.
UThato Malaoaneng oneminyaka engu-26 uthe unethemba ngokuhlinzekwa kwalolu hlelo ngemuva kokuthola amafutha okugcoba mahhala kulo mbukiso.
“Ngokujwayelekile ngikhokha u-R209 wokuthenga lokhu. Ngiyisebenzisa okungenani izinyanga ezintathu futhi kufanele ngithenge okwengeziwe.
Ukuyithola esikhungweni sezempilo esiseduze kwami kuzokwenza omkhulu umehluko,” kusho uMalaoaneng.