Buziwe Nocuze
Abanikazi bezitolo abaphuma e-Somalia nase-Bangladesh emalokishini ahlukene aseKapa bacela usizo lokuqeda ukuqolwa nokuthunjwa.
Lokhu kwenzeka njengoba iningi labo lithunjwa ukuze kukhishwe imali yokubahlenga kanti abanye bacelwa ukuthi bakhokhe imali yokuvikelwa ezigebengwini zendawo okuyimali ephakathi kuka-R3 000 no-R4 000 njalo ngenyanga.
Abanikazi bezitolo bathe uma bengakhokhi izitolo zabo zigcina sezigetshengwa futhi abanikazi bezitolo bavame ukushaywa.
Umnikazi wesitolo u-Abdalla Aalim utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wajabula kakhulu ngesikhathi ethola ithuba lokuza kuleli.
“Akuzange kufike emqondweni wami ukuthi sizophathwa kabi,” kusho u-Aalim.
“Silapha ukuzophilisa imindeni yethu futhi sidala amathuba omsebenzi kodadewethu nabafowethu bakuleli.”
Uthe abalutholi usizo emaphoyiseni ngoba amaphoyisa nawo acela imali.
“Asinayo imali. Sincike emalini esiyenza ngalezi zitolo nayo okuyimali engeningi kangako,” kusho u-Aalim.
Omunye umnikazi wesitolo uthe kunabantu abacabanga ukuthi badayisa izidakamizwa.
“Kufike iqembu lamadoda esitolo sethu lacela imali. Ngesikhathi sithi asinayo bathe siqamba amanga ngoba sidayisa nezidakamizwa,” usho kanje.
“Siyesaba uma sibona amadoda emi ngamaqoqo. Siyazi ukuthi kungenzeka noma yini.”
Abanikazi bezitolo bacele abaholi bomphakathi kanye namakhansela ukuthi babasize.
“Nathi siyingxenye yomphakathi futhi siyakuthokozela ukwesekwa ebesilokhu sikuthola. Ukube bekungabo ngabe akekho osilalelayo,” kusho yena.
“Wonke umuntu ufuna ukuthola okuthile kithi. Mhlawumbe abantu bacabanga ukuthi sinemali eningi futhi uma sichaza ukuthi asinayo yilapho esithunjwa khona noma sishaywe siphinde sibizwe ngabaqambimanga.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uKaputeni Frederick Van Wyk ugqugquzele abanikazi bezitolo ukuthi bafake isikhalo ngamaphoyisa abaqola imali ukuze kuphenywe ngalezi zinsolo.
“Abamangali bayalulekwa ukuthi bahlele umhlangano noMphathi wesiteshi samaphoyisa ukuze bamtshele ngalezi zinsolo,” kwengeza uVan Wyk.