Babuyele emsebenzini abakwa-Eskom abebetelekile

Dylan Bettencourt

U-Eskom udalule ukuthi iningi labasebenzi babo babuyele emsebenzini ngokuthula ngoLwesithathu ekuseni.

“Azikho izehlakalo zokubhikisha namuhla,” kusho okhulumela inkampani kagesi uSikonathi Mantshantsha.

Yize uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan ethi u-Eskom ufinyelele esivumelwaneni nezinyunyana mayelana nokwenyuswa kwemiholo, izinyunyana ziyakuphika lokhu.

U-Eskom umemezele ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha ngoLwesibili ntambama ngenxa yombhikisho ongekho emthethweni oshiye iziteshi zikagesi eziningi zingenabasebenzi.

Isigaba sesithupha sokucishwa kukagesi siqale ukusebenza kusukela ngehora lesine ntambama kuya kweleshumi ebusuku ngoLwesibili futhi siphinde saba khona ngoLwesithathu ebusuku ngezikhathi ezifanayo.

UNgqongqoshe uGordhan uthe ngenxa yezingxoxo ezinde phakathi kwezinye zezinyunyana nabaphathi bakwa-Eskom, kufinyelelwe esivumelwaneni mayelana nokunyuswa kwemiholo kanti zombili izinhlangothi zizozibophezela kukho ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uGordhan.

Kodwa-ke uSolwazi wezeMfundo ohlonishwayo uJonathan Jansen unikeze u-Eskom isixazululo ngabasebenzi abatelekile ekhasini lakhe laku-Twitter.

“Isiphakamiso sami sithi: nciphisani imiholo yabo bonke abasebenzi bakwa-Eskom ngesigamu baze baxazulule le nkinga. Ngemuva kwalokho uzobona isenzo esithile,” ebhala ekhasini lakhe laku-Twitter.

UMantshantsha uthe imininingwane ngesiphakamiso semiholo esinikezwe izinyunyana zabasebenzi izodalulwa.

Inyunyana yabasebenzi basezimayini i-National Union of Mineworkers (NUM) kanye ne-National Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) bathi asikho isivumelwano abafinyelele kuso nabakwa-Eskom.

Izinyunyana zicele ukuthi uGordhan ahoxise izitatimende zakhe  ezingamampunge ngesivumelwano.

“Sifuna ukulungisa lolu daba. Asikafinyeleli esivumelwaneni nabakwa-Eskom. Kwethulwe isiphakamiso kanti amalungu asakhuluma ngaso,” kusho i-NUM kanye ne-Numsa esitatimendeni esihlanganyelwe.

“Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo sizoxoxisana namalungu ukuze sithole ukuthi bayasamukela yini lesi siphakamiso. Amalungu ethu awakalitholi ithuba lokubona lesi siphakamiso.”

Izihloko zakamuva