Everson Luhanga
Ukubulawa kwabantu kuqale ngemuva nje kokugubha ukuthula ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Kwakungumhla zingama-28 kuMbasa ngenkathi inhlangano yamatekisi i-Greater Alberton iqopha umlando ngokuba yinhlangano yamatekisi yokuqala ukugubha iminyaka emithathu kungabulawa muntu.
Ngemuva kwezinsuku ezintathu, uPeter Mothabe, ongusihlalo wesifunda sase-Sedibeng, wadutshulwa wabulawa.
Manje, kubulawe abanye abaphathi bamatekisi ababili abakule nhlangano efanayo ngempelasonto.
Uzakwabo kaMothabe e-Greater Alberton Taxi Association, uMandla Nzimande, waba ngowokuqala.
NgoMgqibelo ebusuku, uNzimande wadutshulwa wabulawa ngezinhlamvu ezinhlanu.
Kwathi ngeSonto ntambama kwabulawa isekela lakhe, uZakwe, ngesichotho sezinhlamvu e-Eshlahleni, e-Katlehong.
Ngokusho kukazakwabo nongusihlalo we-Top Six Taxi Industry uBrenda Tshabalala, uNzimande ubulawe ngesikhathi evakashele unkosikazi wakhe wesibili e-Palm Springs, e-Kurhuleni.
Mhla zingama-26 kuNhlaba waphinde waqokwa nesigungu sakhe ukuhola inhlangano.
UTshabalala uthe ngoLwesine – usuku ngaphambi kokubulawa – uNzimande ubeletha ukuthula kumalungu amatekisi eZonkizizwe abenokungezwani emhlanganweni obushubile. Abanye ozakwethu babuye bachaza owesilisa kwathi, ngokwamazinga embonini yamatekisi, wagqanjwa njengomuntu oletha ukuthula.
UTshabalala uthe ngemuva kokushona kwakhe: “Ngiphelelwa ngamagama. Ngilahlekelwe ngabantu ababili ababesondelene kakhulu nami ezinyangeni ezingaphansi kwezimbili ebugebengwini obuhlobene namatekisi. Asazi ukuthi ubani ozobulawa ngokulandelayo,” esho.
Emqhafazweni uTshabalala uthe: “Insika yami yamandla, isekela lami, isandla sami sokudla, umfowethu, umndeni wami, umngani wami, uMandla akasekho. Kukangaki sithi kuzolunga, kodwa kuba kubi kakhulu? Anginalutho ngaphandle kwale ndoda. Nkosi ngizwe, Nkulunkulu wami onamandla.”
U-Emmanuel Maleka, okhulumela i-Top Six Taxi Industry kuzwelonke uthe uNzimande wayeyedwa emotweni yakhe emhlophe i-Toyota Corolla ngesikhathi owesilisa ehlisa iwindi emdubula.
“Ubulawe yizinhlamvu ezinhlanu ezishaye umzimba wakhe,” kusho uMaleka.