Babulawa indlala abantu base-Tigray ngenxa yezimpi ezingapheli

Arthur Greene

Abantu base-Ethiopia abahlukaniswe izimpi zesifunda sase-Tigray bayaphoqeleka ukuba badle amahlamvu aluhlaza izinsuku, njengoba indlala sekuyinto ekhulayo esizweni sabo selokhu kuqala impi yezikhali.

Ukuvinjelwa kwabantu kwindawo eseduze ne-Tigray, ngokusho kwe-United Nation, bavimba nanoma yini engasiza laba abasengcupheni yokubulawa indlala.

Ngokusho kombiko we-UN ngesonto eledlule kuthiwa amaloli angamakhulu athwele okungasiza abantu besifunda sase-Tigray alokhu eduka engaziwa ukuthi ashonephi. Iqembu lezokusiza lithe kuwo wonke amaloli ayi-146 athunyelwe edolobheni lase-Mekele emasontweni amabili adlule, akukho nelilodwa eliseke labuya.

Kusukela mhla ziyi-12 kuNtulikazi, cishe amaloli angama-38 kwangama-466 abuya ngemuva kokuya e-Tigray.

“Ngaphambi kokuba kuqale impi, indodakazi yami yayiphilile ngokomqondo futhi inomzimba ononophele, kodwa buka manje ukuthi injani,” kusho umama wengane enezinyanga ezingama-20 ohlala e-Northen City endaweni yase-Adigrat, ngokusho kofakazi oyedwa oholwa i-AFP.

“Sekuphele amasonto amabili engakufuni ukudla. Akasakwazi ukuhamba, kanye nokumamatheka kwakhe asisakwazi.”

Cishe abantu abayizigidi ezi-2.2 baphoqelelwa emzini yabo kanti izinkulungwane zabulawa ezweni labo ngokuqala kwezimpi zezikhali ngoLwezi wangonyaka odlule ngesikhathi uhulumeni ethumela amasosha e-Tigray.

Manje, kulandela izinyanga kuliwa impi engapheli esiholele ekutheni kube nombiko wenani labantu abaningi abadlwengulwayo, kanti isifunda singena esigabeni sokushona okubangelwa indlala esabalele.

Iqembu elisizayo libike ngesonto eledlule ukuthi abantu babulawa indlala njengoba kushona umuntu oyedwa kwisifunda ngasinye ezingama-20. Ngesonto eledlule umama kanye nengane yakhe asanda kuyiteta babulawe indlala kweminye yomtholampilo.

“Lokhu ukushona kwabantu okuthule. Abantu bayashona,” kusho uDr Hayelom Kabede, ongumphathi wocwaningo esibhedlela esibizwa nge-Ayder Referral esisesifundazweni sase-Tigray edolobheni lase-Mekele etshela i-AFP.

Ezinyangeni ezedlule, impi yezikhali ibibambene ngezihluthu phakathi kwamasosha ombutho wezokuvikela e-Tigrayan kanye namasosha ase-Ethiopia, namasosha ase-Amhara kanye namasosha ase-Eritrean.

Noma kunjalo, i-Tigrayan isibe nentuthuko ebonakalayo kulezi nsuku ezedlule. Abazange banqamule umgwaqo omkhulu wase-Gondar, nedolobha lase-Amhara, kodwa manje sebephumelelile ukuvala idolobha lase-Dessie elizovula indlela ebakhiphela e-Addis Ababa.

Umthombo wesithombe: @UNEthiopia

Izihloko zakamuva