Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kuboshwe amalungu ayisithupha eqembu ebelisolwa ngokuthumba kwaphinde kwahlengwa nosomabhizinisi wase-Ethiopia ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso we-SAPS ngoLwesine.
Kukholakala ukuthi leli qembu belithumba osomabhizinisi base-Gauteng ngemuva kwalokho bafune isamba semali.
Kulo mkhankaso amaphoyisa aphinde ashaqa nezimoto zikanokusho ezinhlanu.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe lo mkhankaso ubuhlanganisa izinhlaka ezehlukene eziholwa ngamaphoyisa ophiko lwe-Crime Intelligence kanye namalungu e-Organised Crime abeqaphe ithimba.
“Izikhulu zimatanisa abathumbi namacala angaphezu kuka-16 enzeka e-Gauteng.”
Emkhankasweni wamaphoyisa ngoLwesine ekuseni ithimba eliholwa i-Special Task Force (STF) nababonisana nabathumbi, liqhube umkhankaso emakhelini ahlukene ase-Gauteng okubalwa kuwo e-Jeppe, e-Helderwyk, e-Brackenhurst nase-Daveyton.
“Usomabhizinisi owathunjwa mhla ziyisikhombisa kuMasingana utholwe kwenye yezakhiwo wahlanganiswa nomndeni wakhe.
“Kulezi zakhiwo amaphoyisa aphinde ashaqa izimoto ezinhlanu ezisebenzisa amandla aphezulu okubalwa kuzo ama-BMW amabili, ama-Mercedes-Benz amabili ne-Toyota Urban Cruiser eyodwa.”
UMathe uthe omakhalekhukhwini abangu-20 kanye nama-GPS aphathwayo angu-30 aphakathi kwezinto ezishaqwe ileli thimba.
Izwe belilokhu libhekene nezibalo ezikhulayo zamacala okuthumba emhlabeni jikelele.
U-Ian Cameron wenhlangano elwela amalungelo abantu, i-Action Society uchaze ukuboshwa kwabo njengesinyathelo esibheke endleleni efanele. Nokho uthe lokhu kuseyisiqalo njengoba izwe kufanele lenze okwengeziwe ukulwa nobugebengu obuhleliwe obufana nokuthumba okwandayo emadolobheni amakhulu ezwe.
UBrigadier Mathe uthe uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Fannie Masemola ukhulume wathi amaphoyisa ayaqhubeka nokungena aphinde abambe labo abenza lesi sigameko sokuthumba ezweni.
“Umyalezo wethu ucacile: I-SAPS izobamba zonke izigebengu. Kuphakathi kokuthi zenza izimpilo zethu zibe lula ngokuzinikela, noma sizozilanda ngokwethu,” kusho uMasemola.
Esithombeni esingenhla: Abasolwa ababili kwabayisithupha abasolwa ngokuthumba ababoshwe amaphoyisa ngoLwesine e-Gauteng.
Umthombo wesithombe: Amaphoyisa aseNingizimu Afrika / u-Athlenda Mathe