Baboshiwe abahlasele esiteshini samaphoyisa

Elmon Tshikhudo

Ngemuva kokuntshontsha izibhamu nemali esiteshini samaphoyisa e-Malamulele ngonyaka odlule, abasolwa badubula kwalimala abantu abahlanu kwashona oyedwa. Baphinde baqhubeka bayoqhumisa ama-ATM e-Malamulele bantshontsha nenkoqo esitolo esidayisa izimpahla zokwakha e-Bolobedu.

Lokhu kuvele ngesikhathi bevele eNkantolo yeMantshi yase-Malamulele ngoLwesine ngesikhathi umbuso wengeza amacala okuphanga kuhlonyiwe, elokubulala umuntu nokuzama ukubulala abanye abantu abahlanu e-Malamulele Circle.

Abasolwa abathathu, uGodfrey Mabunda, uSimon Sedi noTumbu Gadron Makutu bavele enkantolo ngezinsolo zokuhlasela nokugebenga isiteshi samaphoyisa sase-Malamulele ngomhlaka-21 kuLwezi nyakenye.

Kusolwa ukuthi abasolwa bebebaleka ngemuva kokuqhumisa ama-ATM ezindaweni zokugcwalisa uphethiloli.

Iqeqebana labasolwa abanonya nababehlome ngezibhamu ababalelwa kwabangu-20, abathweswe amacala angaphezu kwangu-100, bagasele esiteshini samaphoyisa e-Malamulele baphanga abasebenzi ababekhona izibhamu babavalela ngemuva evenini yamaphoyisa.

Babe sebevula igumbi okugcinwa kulo izibhamu, bathatha izibhamu ezinhlobonhlobo kubalwa ezincane nezinkulu, izinhlamvu nemali.

Abasolwa babe sebeqhubeka nokugebenga kwa-KFC endawen kanye nenqwaba yezindawo zokugcwalisa uphethiloli e-Malamulele nase-Njakanjaka.

Baboshwe ngoMasingana.

Kuboshwe abasolwa abayisikhombisa endaweni  ababecashe kuyo esigodini sase-Medinyeng ngase-Kgapane kwathi abathathu baboshwa e-Lodge e-Bushbuckridge e-Mpumalanga.

Kukholakala ukuthi bebehlose ukuqhumisa ama-ATM amaningi esifundazweni.

Ngesikhathi beboshwa, amaphoyisa athole izibhamu, izinhlamvu, amavesti amaphoyisa avikela izinhlamvu, iziqhumane, ugwayi ongekho emthethweni, izinhlamvu, izifihlabuso, umfaniswano wonogada, imali nokunye.

Kuphinde kwashaqwa neveni yohlobo lwe-Toyota kanye ne-Mercedes-Benz okubikwa ukuthi yizo ebezisetshenziselwa ukwenza lobu bugebengu.

Okhulumela i-NPA e-Limpopo, uMashudu Dzhangi uthe abasolwa bavele ezinkantolo ezahlukene okubalwa kuzo eyase-Giyani, e-Waterval, e-Kgapane kanye nezinye zaseMpumalanga.

Babhekene necala lokubulala, amahlanu okuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu, ukutholakala neziqhumane, ayisithupha okuphanga besebenzisa isihluku namathathu okuduna izimoto,” kusho uDzhangi. Bazophinde bavele enkantolo ngomhlaka-11 kuNhlolanja ukuyofaka isicelo sebheyili.

Izihloko zakamuva