Baboshiwe ababulale iphoyisa lizama ukuvimba ukugetshengwa kwesitolo saseSprings

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Ukaputeni wamaphoyisa obengekho emsebenzini uWynand du Toit ubulawe ezama ukuvimba izigebengu ebezihlomile esitolo esikhulu sase-Springs.
  • Kuboshwe abasolwa ababili ngemuva kokuthi oyedwa ayekwelashwa amanxeba okudutshulwa esibhedlela sendawo.

Amaphoyisa abophe amadoda amabili ngecala lokubulala uKaputeni Wynand du Toit, oshone ezama ukuvimba isigameko sokugetshengwa esitolo sase-Springs abethenga kuso ngeSonto.

UDu Toit ubengekho emsebenzini ngesikhathi abantu bemtshela ngokugetshengwa kwe-Smart Corner Supermarket e-Geduld. Wangena ngokushesha ukuze asize.

Umnikazi wesitolo uthe ubesebenza nabafowabo ababili ngesikhathi kungena amadoda amane, eyodwa iphethe isibhamu. Bayalela abasebenzi ukuthi baye ngemuva kwesitolo.

Kwabe sekukhala izibhamu ngesikhathi uDu Toit ebhekene nezigebengu. Bobabili yena nesinye sezigebengu badubuleke ngesikhathi kudutshulwana.

ULieutenant-Colonel Lloyd Ramovha uthe izigebengu zithwale umngani wazo obelimele zamusa emotweni yazo zalibhekisa kuthelawayeka uPaul Kruger.

“Kamuva ngalolo suku ekuseni, amaphoyisa abikelwa ngomuntu ongeniswe esikhungweni sezempilo esiseduze enamanxeba okudutshulwa,” kusho uRamovha.

Amaphoyisa abophe umsolwa olimele, (32), esibhedlela. Ithimba loKlebe eliphenya ngobugebengu obuhleliwe libe selibamba umsolwa wesibili, (37), ngoMsombuluko, mhlaka-17 kuMasingana.

UDu Toit uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokudutshulwa kodwa washona ngenxa yamanxeba akhe.

Abasolwa ababili babhekene namacala okubulala nelokugebenga kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Springs ngoLwesithathu mhlaka-19 kuNhlolanja. 

Osesithombeni esingenhla: UKaputeni Wynand du Toit.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva