Lubhalwe nguLungani Zungu
Ukungena kwendle emabhishi aseThekwini kudale ukuthi uMasipala weTheku uthathelwe izinyathelo.
UMengameli we-Abantu Batho Congress (ABC) uPhilani Mavundla usejoyine i-ActionSA enkantolo ukuyophikisa idolobha ngodaba lokukhuculula indle.
UMavundla unguSihlalo wekomiti elinamandla lokuhlaliswa kwabantu nengqalasizinda kanti phakathi kokunye leli komiti libhekelela inhlalakahle yengqalasizinda yaseThekwini – okuhlanganisa namabhishi.
NgoLwesibili, uSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal uMnu Zwakele Mncwango uthe ukungenelela kukaMavundla kuzoqinisa icala leqembu elibhekene nedolobha.
UMncwango wafaka isicelo somthetho eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwezi nyakenye mayelana nokungcola kwamabhishi. Emaphepheni asenkantolo waveza ukuthi lokhu kuholele ekutheni izivakashi zilishaye indiva iTheku njengendawo yokuvakasha.
Waveza nokuthi kuholele kanjani ekutheni osomabhizinisi bendawo balahlekelwe imali eThekwini.
Emaphepheni asenkantolo uMncwango phakathi kwabanye udalule uNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu, wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uSenzo Mchunu, uNgqongqoshe we-Cogta uNkosazana Dlamini-Zuma kanye noNgqongqoshe wezeMvelo uBarbara Creecy.
Wacela inkantolo ukuthi iyalele abammangalelwa ukuthi benze uhlu lweziteshi ezimpompa amanzi angcolile neziwahlanzayo eThekwini.
UMncwango uthe isicelo sakhe sokuthi amanye amaqembu ezombusazwe ajoyine ekuguqulweni kwaleli dolobha siwele ezindlebeni ezifuna ukulalela.
“Siyajabula ukuthi iqembu elifana ne-ABC noMengameli walo uMavundla lithathe isinqumo sokungenela emacaleni abhekene nomasipala,” kusho uMncwango.
Umdonsiswano wezomthetho uhlelelwe uMsombuluko eNkantolo eNkulu yaseThekwini kanti uMavundla usejoyine leli cala njengomngani wenkantolo.
UMavundla owavotelwa ngokungafanele njengePhini leMeya ngesiphakamiso sokungathenjwa ngoZibandlela uthe uzodalula amaphutha kamasipala enkantolo ngesonto elizayo.
“Akukwazi ukuthi abantu bakithi babhekene nezingozi zezempilo zendle futhi labo abaphethe bafaka ipolitiki ezimpilweni zethu, abanandaba abakufunayo nje ukuthola amandla epolitiki,” kusho uMavundla.
Umasipala uthe uzosiphikisa isicelo se-ActionSA.
Khonamanjalo, kunamacala avulelwa izikhulu ezintathu eziphezulu kulo masipala ngoLwezi ngezinsolo zokwephulwa kwemithetho yokungcolisa imvelo.
Esithombeni esingenhla: Umholi we-ABC nowayeyiPhini leMeya yeTheku uPhilani Mavundla (ogqoke isikibha esimhlophe) kanye nosihlalo we-ActionSA esifundazweni saKwaZulu-Natal uZwakele Mncwango
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe