Babonga amakhansela ngokukhokhela izindleko zokuya entabeni 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Injabulo ibibhalwe ebusweni kubangani nemindeni yabesilisa abangu-35 abebebuya entabeni njengoba bekugcwele ihholo lomphakathi e-Nangoza Jebe e-Gqeberha ngoLwesithathu ukuzobungaza ukuthweswa kweziqu kwabafana abazongena ekubeni amadoda.

Nyakenye lo mcimbi wokubonga owaziwa ngokuthi umgidi wawuyiphupho elikude kulaba besilisa njengoba bephuma emindenini ehlwempu kanti abakwazanga ukukhokhela izindleko zokwenza lolu siko lwendabuko lokuya entabeni.

Kodwa-ke, izindleko zabo sezikhokhelwe amakhansela ezigceme eziyisishiyagalolunye esebenzisa imali yesabelomali ebekelwe ukusiza abantu.

Omunye umzali ocele ukudalulwa ngesibongo sakubo uMamzangwa, uthe ubonga ikhansela lewadi yakhe ngokusiza indodana yakhe eneminyaka engu-20 eyashiywa ontanga bayo baya entabeni beneminyaka engu-18.

“Indodana yami ibisihlezi izihlukanisa nabangani bayo ukuze igweme ukubukelwa phansi nokubizwa ngokuthi ‘inkwenkwe’. Ngiyalibonga ikhansela langakithi ngoba bengingenawo amandla okumhambisa esikoleni sokusoka,” kusho umzali ojabulile. 

IPhini leMeya, uKhusta Jack ugcizelele ukubaluleka kokwenziwa kwalo mkhuba obalulekile osikweni lamaXhosa.

“Lo ngumkhosi obalulekile osikweni lethu ngoba uhlose ukuthuthukisa abafana babe ngamadoda. Uma bengalwenzanga lolu siko babhekana nobunzima emphakathini .”

Futhi wengeza ngokuthi “Siyaziqhenya ngamakhansela ethu ngokuhlangana ndawonye ukuze asize  imindeni eswele. Siyabancoma ngomsebenzi wabo omuhle.”

UNdunankulu wase-Eastern Cape, u-Oscar Mabuyane naye ubekhona. Uncome amakhansela ezigceme kanye noMasipala ngokungena ezindlekweni ngohlelo olubaluleke kangaka.

“Lokhu akukhona ukumosha imali yabakhokhi bentela njengoba abanye bengase basho njalo, kodwa lesi isenzo somusa.”

“Njengesifundazwe siyaziqhenya ngamakhansela ethu futhi sifisa ukubona eminingi yale micimbi eminyakeni ezayo.”

Izihloko zakamuva