Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ukuqeda kweNingizimu Afrika endaweni yesithathu emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast kwenze isizwe sonke saziqhenya. Ngaphandle komlando abawenzile kanye nenjabulo abayilethile, kukhona nenzuzo yemali.
Ukunqoba kweBafana ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi bedlala ne-DR Congo kuqinisekise ukuthi baphume kowe-Afcon 2023 besendaweni ephakeme kakhulu emuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amabili.
Ngokufinyelela kowandulela owamanqamu, leli qembu lihlomule ngo-$2.5-million (okungu-R47-million).
Ngokombiko we-City Press, abadlali bazohlukaniselana u-50% wesamba semali, okusho ukuthi umdlali ngamunye kwabangu-23 uzogoduka nemali elinganiselwa ku-R1-million.
Injabulo iqhubekile eqenjini nasesizweni ngesikhathi uHugo Broos ebhala ezinkundleni zokuxhumana ngekusasa lakhe ethi: “Ngijabule ngomsebenzi wami futhi ngijabule ngeqembu lami,” kusho umqeqeshi.
IBafana manje izolungiselela imidlalo yobungani yangoNdasa ne-Andorra ne-Algeria ngaphambi kokuthi kuqhutshekwe nemidlalo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-Fifa ka-2026 ngoNhlangulana.
Esithombeni esingenhla: IBafana Bafana.
Umthombo wesithombe: @lepasazakhele