
Dylan Bettencourt
Izindawo zasemakhaya ezwenikazi zibhekene nengwadla yokuntuleka kokudla kodwa e-Zimbabwe lenkinga ayikho emakhaya kuphela igubuzele izwe lonke.
Kwingxenye enkulu yomlando wayo i-Zimbabwe ibihamba phambili ngokuthengisa umkhiqizo wezokulima e-Africa kodwa manje izithola isikhungethwe indlala kanye nokuswela ukudla okwakha umzimba.
Nyakenye umbiko we-Zimbabwean National Vulnerability Assessment Committee wakhombisa u-60% wabantu ababhekene nokushoda kokudla – okungabantu ababalelwa ku-5.5 million ezindaweni zasemakhaya kanye nabangu-2.2 million emadolobheni.
Ukwenyuka kwentengo yokudla kusho ukuthi nalabo abaholayo, abathathwa njengabacebile, abakwazi ukuthenga ukudla ezinsukwini eziningi.
Imboni yokulima ikhiqiza u-60% wombila wezwe futhi ibalwa ku-40% we-Gross Domestic Product (i-GDP) yase-Zimbabwe kodwa imigomo kahulumeni iphendule umthengisi wakuleliyazwe waba ozothenga kakhulu kwamanye amazwe.
Njengoba iningi lokudla kwabo selithengwa kwamanye amazwe, abantu abaningi bachitha ingxenye enkulu yomholo wabo bethenga ukudla nyanga zonke.
Ezinye izinkinga ezifana nesomiso esilandelanayo, ukukhuphuka kwentengo kawoyela kanye nokushintsha kwesimo sezulu kube nomthelela enkingeni yokudla esizweni.
Ukuna kwemvula encane e-Zimbabwe kubangele isivuno esibi ezindaweni eziningi ngonyaka odlule futhi isiphepho sakamuva u-Ana kulindeleke ukuthi sibangele esinye isivuno esibi ngonyaka ozayo.
I-Covid-19 nayo ibambe iqhaza elikhulu enkingeni yokudla ngokwesaba okube khona phakathi kwabantu ukuthi indlala isingabulala abantu abaningi kunegciwane.
Izinqubomgomo zikahulumeni ezifana ne-National Nutrition Strategy kanye ne-National Policy on Drought Management zasungulwa ukuze kuthuthukiswe ezolimo kuleliyazwe, kodwa aziphumelelanga.
Uhwebo olukhululekile e-Afrika, umsebenzi oqhubekayo wesivumelwano se-African Continental Free Trade Agreement, uzokwenza ukuthi i-Zimbabwe yehlise kakhulu izindleko zayo zokuthenga kwamanye amazwe, okwenza uHulumeni abuyisele imali kwezolimo kanye nemizamo yokunciphisa ukuntuleka kokudla.
Umthombo wesithombe: @AllAfrica