Babhikishele ukubulawa kobeqashelwe  ukususa amakhonteyina  wabaphuma ngaphandle 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zaKwa-Thema e-East Rand zivale zonke izindlela ezinkulu zokungena elokishini ngamathayi avuthayo nangamatshe zifuna kuvalwe elokishini nasezindaweni ezingomakhelwane.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi izakhamizi zifunge zigomele ukuthi zizobuthola ubulungiswa ngokubulawa komshayeli we-crane ebezimqashile ukuthi asuse amakhonteyina asetshenziswa njengezitolo ngabantu abaphuma emazweni angaphandle.

UVincent Malope udutshulwe wabulawa ngoLwesine ebusuku ngemuva kokuchitha usuku Kwa-Thema ekhipha amakhonteyina amabili.

Iloli abehamba ngalo lishiswe abahlaseli.

Umkhankaso wezakhamizi wokulwa nabaphuma emazweni angaphandle kuleli lokishi uqale ngoMfumfu lapho okwatholakala khona ukudla komgunyathi kwezinye zezitolo. Kuthiwa abanye abantu bake bagula ngemuva kokudla lokhu kudla.

Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa, isakhamuzi uTshepo Nkosi obenomshayeli weloli ngesikhathi edutshulwa uthe uhlukumezeke kakhulu futhi uhlushwa amazwi okugcina kaMalope kuye.

“Udutshulwe isingenhla somzimba wakhe futhi uye wahluleka ukubalekela endaweni ephephile. Ngokusabela impilo yakhe ngiye ngamkhipha elolini.

“Kodwa abasolwa babuyile … baphinde badubula futhi. Uye Wangincenga ukuthi ngibalekele endaweni ephephile – “mfowethu baleka, laba bantu bafuna ukusibulala.”

Isidumbu sikaMalope sitholwe ngamaphoyisa otshanini obude ngaphansi kwebhuloho.

“Ubengafanele ukushona kanjalo; uma kuwukuthi bebefuna ukubulala abantu bekumele babulale izakhamizi zaKwa-Thema eziqhuba lo mkhankaso,” kusho uTshepo.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS eGoli uColonel Dimakatso Nevhuhulwi ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokucekela phansi impahla.

“Akekho umsolwa oseboshiwe kuze kube manje,” esho.

Esithombeni esingenhla: IKwa-Thema iyasha.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva