Abantu abayisithupha base-Libya babhekene nesigwebo sentambo ngokuzama ukuguqula abantu ukuthi bakholwe inkolo yobuKristu.
Abanye babo abavela eqenjini elincane lase-Libya nase-Berber, baboshwe ngokwehlukana ngoNdasa ngamasosha.
Babekwe icala ngaphansi komthetho we-Article 207 wekhodi yokujeziswa, ejezisa noma yimuphi umzamo wokusabalalisa imibono ehloselwe “ukushintsha izimiso zomthethosisekelo noma izinhlaka eziyisisekelo zohlelo lomphakathi” noma ukulawulwa kombuso.
I-Internal Security Agency (ISA) ithe laba baboshwe ngenhloso yokuhlakaza nokumisa iqembu elihlose ukunxenxa kanye nokwenza abantu baphume enkolweni ye-Islam.”
Umthetho wase-Libya usekelwe kakhulu enkolweni. Ngokusho kwe-Humanists International, umthethosisekelo wesikhashana owabhalwa ngemuva kokuxoshwa kobengumholi uMuammar Gaddafi ngo-2011 uqinisekisa abantu abangewona amaSulumane inkululeko yokwenza izinkolelo zabo.
“Kube nokukhula kokusetshenziswa komthetho we-Article 207 ngokumelene nezishoshovu zomphakathi kanye nezinhlangano zamazwe ngamazwe e-Libya nyakenye,” kusho uNoura Eljerbi isishoshovu samalungelo abantu owaphoqeleka ukuba adingiswe ngemuva kokuthola izinsongo zokubulawa ngenxa yomsebenzi wakhe.
“Ngisho namanje, ngilokhu ngisatshiswa ngenxa yokuvikela inkululeko yenkolelo yami. Umphakathi awuzamukeli izingxoxo mayelana nenkululeko yokukholelwa kunoma ikuphi. Ngaphambi kokuboshwa kwalabo bantu, bekunomkhankaso obushubile obubhekiswe kubona ezinkundleni zokuxhumana obuholwa ababengabalandeli bombuso.”
Nyakenye izishoshovu eziyisikhombisa zaboshwa i-ISA ngezinsolo zokuthi uNkulunkulu akekho.
Ababili kubo bakhululiwe, kodwa lonke iqembu lisavalelwe. Izishoshovu eziningi zamalungelo abantu e-Libya zabulawa noma zaphoqeleka ukuba zibaleke ezweni, zishiye labo abasele besebenza umshoshaphansi ukuze baphephe.
Omunye wababoshiwe, uSeyfao Madi ongunjiniyela nobaba wengane eyodwa uvele kwividiyo evuma ukuthi waguqukela kwinkolo yobuKristu ngo-2017 futhi wazama ukuguqula abanye.
Ummeli kaMadi ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngenxa yezizathu zokuphepha, uthe uMadi ulahle ukholo lwakhe lobuKristu ngesikhathi ehlushwa. Esinye isakhamuzi saseMelika naso siboshwe i-ISA ngenyanga edlule, kodwa sadedelwa futhi salishiya izwe.
Luhlanganiswe intatheli yakwa-Scrolla
Isithombe ngenhla: I-Libya