Babhekene nengwadla yokushoda kwezikhala  abaphase umatikuletsheni  

Lubhalwe izintatheli zeScrolla

Abafundi bamatikuletsheni abaningi baphase ngamalengiso, kodwa akusibona bonke abanesiqiniseko sokuthibazoyithola imfundo yasenyuvesi.

Izinkulungwane zabafundi abakade benza umatikuletsheni zime emvuleni ezikhungweni ezahlukene zasenyuvesi i-Walter Sisulu, e-Eastern Cape kanti ezinye zibhekane nokushisa kwelanga okunamandla KwaZulu-Natal.

Njengamanje abafundi bakuleli sebezokhetha ukuthi baya emaNyuvesi noma emakolishi kuleli sonto.

Inyuvesi i-Walter Sisulu ithole izicelo ezingaphezu kuka-500,000 zezikhala, kanti banezikhala ezingu-7,000 kuphela. 

Amanye amanyuvesi avale amasango awo kulaba abangabhaliselanga ukufunda. 

Inyuvesi yaseGoli, izokwamukela abafundi abenza unyaka wokuqala abangu-10 500, kantu ithe zonke izicelo sezenziwe nge-inthanethi.

Lezi izinsuku ezinzima kubafundi abaningi bakamatikuletsheni abavela ezikoleni ezingaphansi kukahulumeni, njengoba iminyaka engu-12 yonke abafundi abaningi basuke bengenalo ulwazi lwekhompuyutha

lnyuvesi yasePitoli itshele i-Scrolla.Africa ukuthi isikhungo ngeke sibamukele abafake izicelo sekwedlule isikhathi kulo nyaka.

“Enyuvesi yasePitoli sinezinhlelo ezibhekelela ukubhaliswa kwabafundi okubambezelwe imiphumela ephuzile ukuphuma,” kusho okhulumela inyuvesi uDrikus Delport.

“Zingaphezu kuka-44 000 izicelo ezitholwe kubafundi abafuna ukwenza unyaka wokuqala. Laba ngabafundi abahlangabezana nezidingo ezincane zenyuvesi.”

Inyuvesi i-Cape Peninsula ithe uhlelo olufika kuqala olubeka phambili abafundi abafake izicelo ngonyaka odlule.

“Izicelo eziphuzile azikavulwa okwamanje njengoba isikhungo siqala sicubungula abafundi bakamatikuletsheni abafake izicelo ngesikhathi, kodwa belinde ukukhishwa kwemiphumela yabo yokugcina. Uma lokho sekwenziwe sizobe sesicubungula izicelo ezifike sekwephuzile kwizifundo ezisanesikhala.”

Inyuvesi iWalter Sisulu, e-Eastern Cape eyamukela isibalo esikhulu sabafundi abavela ezindaweni eziningi ithe isilinde i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ukuthi iqinisekise uxhaso lwabafundi abazofunda.

“Inselelo enkulu kubafundi bethu abaqalayo nababuyayo ukubambezeleka kokuqinisekiswa koxhaso luka-NSFAS. Abafundi bethu abaningi abakwazi ukubhalisa njengoba uzokhumbula ukuthi u-70% wabafundi bethu uxhaswe u-NSFAS,” kusho okhulumela isikhungo uYonela Tukwayo, etshela i-Scrolla.Africa.

Inyuvesi yaKwaZulu-Natal isithole izicelo ezingaphezu kuka-300,000 njengoba kufuneka abafundi abangu-8,500.

Kanjalo-ke, ayibamukeli abangazange babhalise kusenesikhathi.

Njengamanje isikhungo iDurban University of Technology  ibhalise abafundi abaphothule izifundo zabo.

Isikhulu sezokuxhumana enyuvesi yase-Wits, uBuhle Zuma utshele abezindaba ukuthi bathole izicelo ezingaphezu kuka-100 000 njengoba benezikhala ezingu-6 000 zonyaka wokuqala.

NgoLwesibili, uNgqongqoshe wezeMfundo ephakeme uBlade Nzimande uthe ukubhaliswa konyaka wezifundo ka-2023 kuqale ngomhlaka-16 kuMasingana kanti kuzovalwa ngomhlaka-20 kuNhlolanja.

“Abantu abafuna ukuya kula manyuvesi akumele bakhululeke, uma benganakile bangase balahlekelwe ithuba,” usho kanje esithangamini nabezindaba.

Isithombe esingenhla: Abafundi abashaye ulayini ngaphandle kwasenyuvesi yaseGoli ngethemba lokuthola indawo

Umthombo wesithombe: City Press

Izihloko zakamuva