Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Iphepha elibhalwe ngesandla litshele othisha ukuthi bakhokhe u-R1 000 nyanga zonke noma babhekane nemiphumela, kanti amaphoyisa athi lokhu akuthatha njengosongo olukhulu.
Icala selithathwe abophiko lobugebengu obuhleliwe, kanti amaphoyisa acela umphakathi ukuthi ubike noma yini esolisayo.
Othisha besikole sase-Eastern Cape basale nencwadi ebasabisayo ethi abakhokhe u-R1 000 umuntu ngamunye njalo ngenyanga.
Incwadi yatholwa ngabasebenzi ngomhlaka-26 kuNtulikazi. Ixwayise othisha ukuthi kumele bayikhokhe njalo le mali ukuze babavikeleke.
Amaphoyisa akholwa ukuthi iphuma eqenjini lezigelekeqe kanti asedlulisele icala ophikweni lwe-Provincial Organised Crime Unit.
UMajor General Thandiswa Kupiso, oyibamba likaKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uthe basebenzisa zonke izinsiza zabo ukuthungatha abasolwa.
“Lolu songo siluphatha ngokushesha okukhulu,” kusho yena. “Ukuphanga okubhekiswe kothisha kuwukuhlasela uhlelo lwethu lwezemfundo nokuzinza komphakathi.”
Lesi sigameko sinyakazise isikole sonke. Abasebenzi besaba ukuphepha kwabo, nabafundi nabo bayesaba.
Kuze kube manje akekho oseboshiwe, kodwa amaphoyisa athi akuthatha njengento ebaluleke kakhulu lokhu futhi azokwazisa umphakathi njengoba ethola eminye imininingwane.
Bacele othisha, abafundi, nabantu emphakathini ukuthi bahlale beqaphile futhi babike noma yini engajwayelekile.
Onolwazi akashayele i-Eastern Cape Provincial Extortion Hotline ku-082 387 1561 noma iCrime Stop ku-08600 10111.
Esithombeni esingenhla: Itape yamaphoyisa.
Umthombo wesithombe: Ifayela
