Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Abafuyi bezinkukhu base-Eastern Cape bafuna izixazululo zokuqeda umkhuhlane wezinyoni owaziwa nge-avian influenza.
Ukuqubuka kokuqala kubikwe uhulumeni wase-Western Cape ngomhlaka-21 kuMbasa futhi lesi sifo sesisabalele ezindaweni eziningi zase-Eastern Cape.
Abalimi esifundeni sase-Mount Fletcher bathinteke kakhulu futhi sebesebenzise wonke emakhambi abawaziyo baze baya nasezindaweni okudayiswa kuzo imithi yezilwane.
UNomahlubi Rose Phambo ubenezinkukhu zenyama ezingu-109 kanye nezamaqanda ezibomvu ezingu-229 kodwa cishe manje ulahlekelwe ezingu-59.
“Bekunzima ngoba bengizithola zifile,” esho.
“Ngizamile ukusebenzisa imithi eyahlukene kodwa ayingisizanga ngalutho kuze kwafika i-VET Services e-Matatieleyathatha amasampula egazi yanginika umuthi wokulwa namagciwane.”
Kuyimanje useqalile ukufaka amakhambi asekhaya azomsiza ukuthi avikele izifo ezibangelwa amagciwane ngemuva kokuthi alulekwe omunye umfuyi wezinkukhu ongazange athintwe ukubheduka kwalesi sifo – okuyisimo athe sidalwe ukusebenzisa amakhambi asekhaya.
UNosipho Vuthela ongusihlalo we-Gedlumhlanga Youth Co-op and Farmers uthi ubelokhu esebenzisa amakhambi emvelo asiza ukuvikela izifo ezibangelwa amagciwane.
“Ngisebenzisa amakhambi kanye nezitshalo zokwelapha ezifana namakhasi ka-anyanisi; asiza ukuvikela izifo ezibangelwa amagciwane, isipinashi ukusiza ngezithako ze-iron kanye nesitshalo se-blackjack (umhlabangubo) osebenza njenge-antioxidant futhi lo muthi muhle kakhulu ekulawuleni izifo ezibangelwa amagciwane,” esho.
Njengomfuyi osathuthuka uthe kubalulekile ukuthi asebenzise la makhambi ngoba asiza kakhulu futhi izinto ezisuke zikhona engadini.
Lo mfuyi wezinkukhu osemusha uthe ukholelwa ekutheni bonke abafuyi kufanele bakuqaphele ukuthi njengoba isizini ishintsha izifo eziningi ezibangelwa amagciwane zizokwanda futhi kufanele balandele i-biosecurity ukuqinisekisa ukuhlanzeka ezindaweni zabo zokukhoselisa imfuyo.
Ezinye zalezi zifo zidalwa ukungcola nokuntula umoya.
“Okungisebenzelayo ukusebenzisa amakhambi emvelo afana nenhlaba ngoba yona izuzisa kakhulu. Ngisebenzisa namakhasi ka-anyanisi engiwafaka emanzini okuphuza ngibuye ngiwabeke phezu kwemibhede yezinkukhu zami ukuze zilale phezu kwawo.”
Utusa lezi zindlela njengezinyathelo okufanele abafuyi bazihlanganise ngoba zisimeme futhi zibiza imali encane.
Njengamanje uNosipho ukhulisa ama-Chicken Broilers akhe ngamaqoqo angu-100 iqoqo ngalinye ukuze aqinisekise ukuthi akaphelelwa isitoko. Zithatha amasonto ayisikhombisa ukuze zilungele ukuya emakethe.
Esithombeni esingenhla: Amatshwele e-Broiler anamasonto amathathu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe