Babhekene nengcindezi abashayisibhakela bakuleli

Lubhalwe nguLinda Ximba

Abashayisibhakela abasezingeni eliphezulu uSikho “Sequence” Nqothole noSabelo “Saint” Ngebinyana babhekene nengcindezi yempi yesicoco somhlaba ngempelasonto.

Laba bobabili bazobamba iqhaza kwi-World Boxing Organisation (WBO) kuleli sonto kanti le inhlangano yesibhakela ehlonishwa kakhulu emhlabeni jikelele.

Ompetha bakuleli abake babamba isicoco se-WBO kubalwa uDingaan “Rose of Soweto” Thobela, uCorrie Sanders noZolani “Last Born” Tete.

I-WBO isanda kwenza ibhande lomhlaba okuyisicoco sesifunda kwabayishumi abahamba phambili.

UJackson Chauke wanqoba nyakenye futhi wafinyelela ngqo ohlwini lwezinombolo ze-WBO flyweight.

Manje uhleli endaweni yesihlanu futhi uChauke usethubeni elikhulu lokubhekana nompetha wamanje uJunto Nakatani wase-Japan.

UNqothole uzobhekana noQuibido wase-Denmark e-Philippines emqhudelwaneni we-ESPN Africa e-Galleria ese-Sandton empini yesicoco se-junior bantamweight.

UNqothole uzobe efuna ukuziphindiselela njengoba kusanda kuhlulwa ozakwabo e-East London.

UJake Amparo wehlule uMthokozisi Ngxaka ngesikhathi uLandi Ngxeke ophethe isicoco se-WBO Intercontinental ekhishwa kabuhlungu emzuliswaneni wesibili nguJayr Raquinel. 

Ephawula ngamalungiselelo akhe uNqothole uzwakale enokuzethemba.

“Ngiwumqemane futhi ngikulungele lokhu. Isandla sami sizophakanyiswa njengompetha futhi nginethemba lokuthi ngoMfumfu ozayo ngizolwela isicoco esikhulu kakhulu.”

UNgebinyana uzoba nomqeqeshi ohlonishwayo uColin Nathan ehleli ekhoneni lakhe uma esebhekene noFillipus Nghitumbwa e-Windhoek, e-Namibia ngoMgqibelo.

UNgebinyana uke waba ngumpetha we-SA kanye ne-International Boxing Federation (IBF) International junior bantamweight.

Osesithombeni esingenhla nguSikho “Sequence” Nqothole

Umthombo wesithombe: @SandtonChronicle

Izihloko zakamuva