Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Onogada abasebenza enkampanini yonogada ephethwe uSihlalo we-ANC eTshwane, uMnu Eugene “Bonzo” Modise bakhala ngokuthi abakaze bahole ezinyangeni ezinhlanu ezedlule.
NgoLwesibili, onogada abebesebenza emahhovisi kaMasipala baqale umbhikisho. Basabise ngokuthi angeke babuyele ezikhundleni zabo bengayitholile imali yabo.
Unogada, uTsholofelo Matjila (38) utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebekhathele ukusebenzela mahhala, kodwa abanikazi benkampani bephila ngokunethezeka.
“Ekuqaleni ngesikhathi sibuza ngokungakhokhelwa, satshelwa ukuthi uMasipala wase-Tshwane awuzange uyikhokhele le nkampani ngemisebenzi eyenzayo.
“Lena akumele kube inkinga yethu, izinkontileka zethu asizisayinanga noMasipala wase-Tshwane, kodwa sasayina ne-Triotic Protection Services,” kusho unogada.
“Okusixakayo inkulumo isishintshile sebesitshela ukuthi inkampani ayinayo imali.”
Omunye unogada obenganeme, uSello Seshoka(30) uthe abasebenzi bayaphoqeleka ukuthi bafike emsebenzini noma bengenayo imali yokugibela.
“Kulindeleke ukuthi size kanjani emsebenzini singaholile imali yethu okubuhlungu sifaka izimpilo zethu engcupheni sivikela izikhungo noma silambile futhi sikhathele.”
“Uma sinqaba ukuya emsebenzini siyasatshiswa ngokuthi sizoxoshwa. Sinemindeni enezidingo esingeke sikwazi ukuzihlinzeka uma singaholile.”
UModise uthe inkampani isenkingeni njengoba uMasipala ungazange uyikhokhele inkampani yakhe nabanye abahlinzeka ngemisebenzi.
“Siyiqede yonke imali yenkampani ukuze sikhokhele abasebenzi ezinyangeni ezedlule.
“Ngizozama ukukhuluma noMasipala ngilandelele ukuthi uzoyikhokhela nini inkampani ukuze sikwazi ukuholela abasebenzi bethu.”
UMasipala wase-Tshwane kuthiwa unezinkinga zemali futhi udonsa kanzima ukukhokhela abasebenzi.
Isithombe esingenhla: Abanye babasebenzi abajutshwe enyakatho e-Tshwane
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe