Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umkhankaso wokunqanda ubugebengu ePhilippi, eKapa, uholele ekuboshweni kwabesilisa abane abaneminyaka engu-19 kuya ku-33 ubudala, ngokutholakala nezimbaza.
Ithimba leMaitland Flying Squad, kanye nezinye izinhlaka zamaphoyisa noMnyango wezoLimo, amaHlathi, nezokuDoba bebeyingxenye yalo mkhankaso.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Frederick van Wyk uthe amaphoyisa aseshe indawo kuSchaap Road athola izimbaza ezingu-3,281 kanye kanye no-1,359 wezimbaza ezingonyisiwe ezingabiza u-R1.4-million.
Baphinde bathatha imishini esetshenziselwa ukomisa izimbaza, bathola nezimoto ezintathu. Abasolwa bagcinwe esiteshini samaphoyisa ePhilippi kanti bazovela enkantolo yase-Athlone.
U-Asavela Ntoyakhe, oyisakhamuzi, ukholwa ukuthi izigwebo eziqinile zingasiza ekwehliseni ubugebengu.
Uthe: “Sinabantu abaphula umthetho kaningi ngoba bayazi ukuthi bazovela enkantolo, bathole ibheyili, baphume futhi baqhubeke nokuphula umthetho.”
Kwelinye icala, iMaitland Flying Squad ibophe indoda eneminyaka engu-52 ubudala ngokuba nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Utholwe eBrowns Farm, okuyindawo eyingozi eKapa, nesibhamu nezinhlamvu ezingu-28. Lo msolwa uzophinde avele enkantolo yase-Athlone.
Esithombeni esingenhla: I-Flying Squad ibopha abasolwa ngokutholakala ne-perlemoen engabiza u-R1.4-million kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Umthombo: Sithunyelwe