Babanjwe inkunzi abadlali beBafana

Linda Ximba

Izihlabani ezimbili zeBafana Bafana – umdlali wasesiswini uThabo Cele nomdlali wasemuva uSiphephelo “Yaya” Sithole – bagetshengwe ngesikhathi bebuyela ekhaya ngemuva kwamasizini abo eYurophu.

UCele (25), udlalela iqembu lase-Poland i-Radomiak eqhwakele phezulu, kanti uSithole (23), udlalela iqembu lase-Portugal i-Belenenses, ehlulwe kwi-Liga 2.

Ngemuva kokuchitha usuku begqugquzela abadlali bebhola abasafufusa e-KZN Academy lapho abaphothule khona amasizini amathathu edlule, laba bobabili baye banquma ukuchitha isikhathi KwaMashu.

Imithombo esondelene nalaba badlali ithe ngesikhathi belinde umngani wabo ngaphandle komuzi, kuqhamuke imoto kwehla amadoda amathathu kuyo aphume ephethe izibhamu abavalele ekhoneni efuna imali nomakhalekhukhwini.

“USiphephelo uye wacela la madoda ukuthi abayeke ngesikhathi uThabo ewacela ukuthi engabalimazi. Khumbula ukuthi uThabo ungowaKwaMashu, ngakho uyayazi impilo yodlame kuleli lokishi elidume kabi,” kusho umthombo.

“Omunye wala madoda ushaye uThabo ngesibhamu esiphongweni wawa. Amanye amadoda abekhuthuza futhi ethuka uSiphephelo athathe u-R6 000 nomakhalekhukhwini owodwa.”

USiphephelo ukwazile ukuphunyuka weqa uthango lwendlu ngesikhathi uThabo obephuma igazi naye ebaleka.

Kuthiwa lesi sigameko sishiye izihlabani zihlukumezekile futhi zithukile. Abazange balivule icala.

USithole – udume ngesikhathi edlala okokuqala kwiBafana Bafana emdlalweni wayo ne-Morocco kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations yango-2023 ngenyanga edlule – ubengafuni ukukhuluma ngalesi sigameko.

“Angifuni ukuthi umama athuke. Usekhulile kanti angithandi ukuthi aphatheke kabi. Eqinisweni, angifuni ukuthi lokhu kuphumele obala,” kusho lo mdlali wasemuva wasoLundi enyakatho yeKwaZulu-Natal.

UCele usebuyele e-Poland lapho ayozilolonga khona ngaphambi kwesizini yakhe yokuqala kanti kungenzeka aqhubeke nomsebenzi wakhe khona yize kunemibiko eminingi esola ukuthi uzobuya kuleli. Kuthiwa iKaizer Chiefs ifuna ukumthenga.

Izihloko zakamuva