Babalelwa ku-41 000 abashonile kweyokuzamazama komhlaba 

Isibalo sabashonile ngemuva kokuzamazama komhlaba okungu-7.8 magnitude okuhlasele e-Syria nase-Turkey mhla ziyisithupha kuNhlolanja kwedlule nemiphefumulo yabantu abangu-41,000.

Izikhulu zikahulumeni e-Turkey zibike ukuthi bangu-35,418 abantu abashonile ngemuva kokuzamazama komhlaba kanti izwe elingumakhelwane i-Syria libike ukuthi bangaphezu kuka-5,800 abantu abashonile.

Izidumbu zisatholwa ngaphansi kwemfucumfucu kanti izinja zokuhlenga eziqeqeshiwe zisiza abasebenzi bosizo oluphuthumayo ukuze bathole abasindile.

Sekucishe kwaba nokululama okuyisimangaliso: isalukazi (77) sikhishwe ngemuva kokuthi sichithe amahora angu-212 sivaleleke ngaphansi kwemfucuza.

Okuyisimangaliso nakakhulu ukuthi omunye (74) ukhishwe ngaphansi kwemfucuza  ngemuva kwamahora angu-227 ngoLwesithathu ntambama.

Yize amazwe amaningi kanye nezinhlangano ezisizayo bezithumela uxhaso emazweni athintekile, izakhamizi zase-Syria zikhala ngesikhathi eside esithathwa abosizo oluphuthumayo ngaphambi kokufinyelela kuzo, kubika i-Al Jazeera.

Ukubambezeleka kosizo e-Syria ngokwengxenye kungenxa yempi yombango eqhubekayo.

UNobhala-Jikelele we-United Nations, u-Antonio Guterres unxuse ukuthi kunikelwe ngo-R6.6 billion ukusiza izisulu zokuzamazama komhlaba e-Syria kuphela.

“Ngesonto elilodwa ngemuva kokuzamazama komhlaba okubulalayo, izigidi zabantu esifundeni sonke zilwela ukuphila, azinamakhaya futhi zihlezi emakhazeni ashubisa umnkantsha,” kusho uGuterres esitatimendeni esivela e-New York.

“Senza konke okusemandleni ukukushintsha lokhu. Kodwa kudingeka okwengeziwe.”

Imindeni eminingana ezindaweni ezingathintekile kangako e-Turkey iye yathatha labo abasale dengwane kulandela ukuzamazama komhlaba.

Umsebenzi omkhulu wokwakha amatende usuqalile e-Turkey ukuze kuqhutshekwe nokwamukela labo abasale dengwane.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Izinsalela zedolobha ngemuva kokuzamazama komhlaba

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva