Azotholana phezulu kowe-derby awase-Manchester

I-City of Manchester ihlukaniswe phakathi njengoba omakhelwane bebhola i-Man United bezokwamukela i-Man City emdlalweni wabo obaluleke kakhulu we-English Premier League (i-EPL) ngoMgqibelo e-Old Trafford ngo-7.30 ebusuku.

Ama-derby awagcini ngokukhuluma ngabadlali abasenkundleni kuphela kodwa nangabaqeqeshi. Ngesizini edlule umqeqeshi we-United u-Ole Gunnar Solskjaer uthole kangcono kunomqeqeshi we-City, uPep Guardiola. I-United iwiyine yomibili imidlalo yeligi yasekhaya neyasekuhambeni.

Kulo nyaka i-United isazama ukuqoqa izicucu ngemuva kokuphuma phakathi nesonto esigabeni samaqoqo e-UEFA Champions League.

USolskjaer neqembu lakhe basengasindisa okuthile kusuka ngesonto elinzima ngokunqoba omakhelwane babo futhi ukunqoba kungabona ne-United igxumela kwinombolo yesine kulabo  abahamba phambili ku-log.

Lo mqeqeshi uzobuye abe nethemba lokushintsha irekhodi elibi abenalo kule sizini bebhekene nabanye abayisithupha abakhulu.

I-United ishaywe ngamagoli ayisithupha kwelilodwa ngabaholi be-log i-Tottenham Hotspur, yahlulwa ngamagoli amabili eqandeni ekhaya yi-Arsenal yadlala ngokulingana ngo ngeqanda eqandeni ne-Chelsea. Lokho kubanikeza iphuzu elilodwa emidlalweni emithathu bebhekene namanye amaqembu aphezulu kodwa bangakhuthazwa yimidlalo yabo emibili yokugcina yeligi lapho bevela khona ngemuva futhi benqoba.

I-City kaGuardiola iza kule-derby inomoya ophakeme, ilungele i-Champions League last 16 ngemuva kokunqoba phakathi nesonto  e-Olympique Marseille nokushaya amagoli ayisikhombisa emidlalweni yabo emibili edlule ye-Premier League. Ishaye i-Fulham ngamagoli amabili eqandeni ngempelasonto edlule yaphinde yabhudluza i-Burnley ngamagoli amahlanu eqandeni ngaphambi kwalokho.

Emdlalweni waphakathi nesonto uGuardiola uphumuze uRuben Dias, uJoao Cancelo, uBenjamin Mendy, uRodri, uRaheem Sterling, uKevin De Bruyne noGabriel Jesus. Bonke laba badlali kulindeleke ukuthi baqale kusasa.

Eminye imidlalo ye-EPL

NgoMgqibelo:

I-Wolves izodlala ne-Aston Villa (e-Molineux Stadium, ngo-2.30pm); I-Newcastle United izodlala ne-West Brom (e-St. James ‘Park, ngo-5pm); I-Everton izodlala ne-Chelsea (e-Goodison Park, ngo-10pm)

NgeSonto:

I-Southampton izodlala ne-Sheffield United (e-St. Mary’s Stadium, ngo-2pm); I-Crystal Palace izodlala ne-Tottenham Hotspur (e-Selhurst Park, ngo-4.15pm); I-Fulham izodlala ne-Liverpool (e-Craven Cottage, ngo-6.30pm); i-Leicester City izodlala ne-Brighton (e-King Power Stadium, ngo-9.15pm); I-Arsenal izodlala ne-Burnley (e-Emirates Stadium, ngo-9.15pm).

Izihloko zakamuva