Azotholana phezulu amaqembu ebhola lombhoxo

Okucashuniwe: Mabili nje vo amaqembu ase-Southern Hemisphere azingela udumo lweNdebe Yomhlaba.

EZEMIDLALO: Imidlalo emibili yokuhlola yangempelasonto ifakazele into eyodwa. AmaBhokobhoko kanye nama-All Blacks kuphela anethuba lokunqoba iNdebe yoMhlaba, kubhala uLucky Maree.

Ngaphambi kwemidlalo emibili yokuzilungiselela ngoMgqibelo, abalandeli base-Argentina abathembeke kakhulu nabasekeli bama-Wallabies banikeze amaqembu abo ithuba lokuwina.

Kodwa kukhona imibuzo ethile. Ingabe u-Rassie Erasmus ubezethemba ngokweqile ngokuthumela abadlali e-New Zealand  ngaphambi komdlalo nama-All Blacks?

Ngokunjalo, ukunqoba e-Argentina kunzima kunoma yiliphi iqembu, kanti uMichael Cheika ubonakale efake okuthile okukhethekile kuma-Pumas. Nomqeqeshi we-New Zealand, u-Ian Foster akaziwa ngokukhipha okuthile okukhethekile eqenjini lakhe.

Kodwa manje, (lento eyenza sonke sibe ochwepheshe ngobusuku obubodwa), umphumela wayo yomibili le midlalo ubonakala usobala.

Baningi abadlali bamaBhokobhoko okubalwa no-Eben Etzebeth ophuthwe umdlalo obuse-Loftus Versveld ngoba bebesendleleni ebheke e-New Zealand.

Ukukhathala sekube yinselelo emaqenjini aseNingizimu Nenkabazwe kusukela ku-Super 12 eyethulwa ngo-1996 ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-1995. 

Amaqembu aziwa ngokungenzi kahle ngemuva kokuchitha amahora angaphezu kuka-24 ehamba.

Ukuhlukanisa iqembu libe ngamaqembu amabili kusiza kakhulu ( kodwa hayi ngokuphelele) ukulwa nemithetho yemvelo kanye nemikhawulo yokukhuthala komuntu.

Lena yindlela abaphathi bamaBhokobhoko abakhethe ukuyilandela.

Ngokuphambene, u-Eddie Jones akanazo izinketho ezinjalo. Iqembu abhekene nalo ngoMgqibelo kungase kube yilona elingcono kakhulu angadlala nalo njengoba behlulwe ngama-try amane namaphenalthi amabili aqhamuke ngoba bekhathele.

Bahlulwe ngamaphuzu angu-31 yize beshaye i-try ngemuva kwe-hooter yokugcina.

UMichael Cheika kumele azi ukuthi bebenethuba elihle lokuhlula ama-All Blacks ngesikhathi bedlalela ekhaya phambi kwezihlwele. Ubebophele iqembu lakhe elinzima kakhulu enkundleni. Kodwa bahlulwe ngo 41-12. Bashaye ama-try amabili amahle kakhulu, kodwa i-New Zealand ishaye ama-try ayisikhombisa amahle.

UJones (usakhuluma) ngokuwina iNdebe yoMhlaba kanti uCheika “uyaziqhenya ngeqembu lakhe”, kodwa empeleni lezi zizwe zombili zikhombisile ukuthi ngeke zihole phambili eNdebeni yoMhlaba.

Ingabe i-New Zealand isizinqobile zonke izinkinga zayo? Akunjalo neze. Phakathi kokunye, basabhekisa amabombo eNdebeni yoMhlaba nomqeqeshi ozimisele kodwa ongasebenzi ngokuzimisela, u-Ian Foster.

Kodwa uma amaqembu ebukele phansi izimbangi zawo ngempelasonto edlule, kule mpelasonto igudla ngomunye umhlathi.

Akumele kukhohlakale ukuthi i-France ne-Ireland bayizintandokazi eNdebeni yoMhlaba, kodwa lokho akuzophazamisa lutho emdlalweni wamaBhokobhoko uma esebhekene nama-All Blacks kule mpelasonto ezayo.

Elakuleli lishaye i-Australia ngamaphuzu angu-31, i-New Zealand yanqoba ngawu-29. Elakuleli lishaye ama-try ayisithupha i-New Zealand yashaya ayisikhombisa.

Izinkulumo mayelana nomqhudelwano webhola lombhoxo ngokuba owokuzilungiselela iNdebe Yomhlaba sezikhohlakele.

Kuzoshuba. Umdlalo wokuzilungiselela wale mpelasonto uzobe ubaluleke njengayoyonke imidlalo la maqembu womabili ake ayidlala phambilini.

Lindela umbukiso wokugcina.

Esithombeni esingenhla: AmaBhokobhoko azobhekana nama-All Blacks

Izihloko zakamuva