Doreen Mokgolo
UJoseph Mona, oneminyaka engama-40, owaphoqwa ukuba aphuze ujeke ogcwele indle yabantu, waphoqelelwa ukungena ngaphakathi emgodini futhi washiywa ukuba ashone ngoZibandlela ngowezi-2016 uyajabula ukuthi abantu abenza lo mkhuba wobudlova baboshiwe.
“Sengiyakwazi ukulala ngokuthula ngazi ukuthi ekugcineni abantu abangihlukumeza ngokwebala sebesejele futhi bakhokhela izinto ezinesihluku nezesabekayo abangifaka kuzo eminyakeni emithathu engangibasebenzela ngayo.
“Bengihlezi ngishaywa futhi ngibizwa ngamagama, ikakhulukazi igama elithi“K” uma bengajabule ngomsebenzi wami.”
Umlimi uHarry Leicester, oneminyaka engama-57, unkosikazi wakhe uMaryna Leicester, oneminyaka engama-53, nendodana yabo uChris Leicester, oneminyaka engama-31, batholwe benecala bagwetshwa iminyaka eyishumi ngecala lokuzama ukubulala neminyaka emibili nge-crimen injuria yiNkantolo yeMantshi yase-Springs.
Isigwebo kulindeleke ukuthi sikhishwe kanyekanye.
UJoseph ubesebenza epulazini labo e-Endicott e-Springs.
Waphoqwa ukuba aphuze indle yabantu egcwele ujeke futhi waphoqeleka ukuba angene emgodini ngoba wayekhohlwe ukucisha i-pump lendle.
Ngesikhathi sesigwebo imantshi uKhensani Moila wathi ngokombiko wezempilo owethulwe enkantolo, uJoseph usakhungathekile ngalesi sigameko.
“Udokotela ubike ukuthi ubengafa ngenxa yokuba ngaphakathi kwethangi lobuthi kanti kusenezibazi ezibonakalayo zokulunywa yizibungu esikhunjeni sakhe ngemuva kwezinyanga eziyisithupha kwenzeke lesi sigameko.
“Okwehlele isisulu akunabuntu futhi kunesihluku. Kuyo yonke inkantolo ngesikhathi kulalelwa, umndeni ubugcizelela ukuthi umsulwa futhi awukhombisi ukuzisola,” esho.
Umndeni kulindeleke ukuthi ufake isicelo sokudlulisa icala mhla zingama-26 kuNdasa.