Azobe engathi nsi amasosha kwiSona 

Lubhalwe nguZukile Majova

Amasosha azobe ehlomile: uma uyithanda indiza yakho, kumele uqikelele ukuthi ayindizeli ngasePhalamende.

Indawo engamakhilomitha amathathu ngaphezu kwehholo lasedolobheni eKapa akumele kubonakale indiza namhlanje uma uMengameli Cyril Ramaphosa esedolobheni. 

Lokhu kungenxa yokuthi ngalobu busuku, uMengameli uzokwethula inkulumo echaza isimo sezwe.

UBrigadier Athlenda Mathe we-National Joint Operational and Intelligence Structure, uthi kuzobe kunezindawo okungavumelekile ukusondela kuzo ngesikhathi senkulumo kaMengameli ePhalamende  nangesikhathi sezimpendulokusukela ngomhlaka-14 kuya kumhlaka-16 kuNhlolanja kanye nesikhathi senkulumo yesabelomali ngomhlaka-22 kuNhlolanja.

“Amasosha ezindiza akuleli kuphela azokwazi ukusebenzisa indawo yezindiza kalula ngalesi sikhathi. Abantu bayaxwayiswa ukuthi izindiza zabo azivumelekile.”

Izindiza  zesimanje zaziwa ukuthi zisetshenziselwa ukuhlola, nokuhlasela kwabashokobezi kanye nokuletha amaphakheji ezimpini ze-biochemical.

Yize izwe lonke lizobe lilwa nesigaba sesithathu nesesine sokucishwa kukagesi, angeke ucinywe ugesi ezindaweni ezihloniphekile.

UNobhala wePhalamende uXolile George uthe: “Engxenyeni yokuxoxisana kwethu nedolobha nangokubambisana nabakwa-Eskom kuzothathwa izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi akukho ukucisha kukagesi okuzoba nomthelela ekulethweni kwe-Sona okuhlanganisa nezindawo ezihlobene nayo.

“Lowo msebenzi uyaqhubeka, okuhlanganisa nezinye izindlela zokunciphisa amathuba okucisha kukagesi okunomthelela ekulethweni kwe-Sona.”

Noma engazi ukuthi i-Sona nemigubho yayo izodla malini kubakhokhi bentela, imali elinganiselwa ku-R8 billion ibekwe eceleni ukubhekana nezindleko.

Izihloko zakamuva