Azizwa engaphephile amaphoyisa eNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Njengoba amaphoyisa amabili edutshulwe abulawa ezigamekweni ezehlukene, amaphoyisa ase-Nelson Mandela Bay asesabela izimpilo zawo.

La maphoyisa amabili adutshulwe abulawa izinsukwini ezisondelene. Iphoyisa uMario Nel (41) obesebenza eNkantolo yeMantshi yase-Motherwell, udutshulwe engaphakathi eNkantolo ngesibhamu sakhe ngoLwesithathu ngesonto eledlule.

Ezinsukwini ezimbalwa kamuva uSayitsheni Khayalethu Mbonomnyana (42) udutshulwe washona ngaphandle kwaseshisanyama elokishini lase-Gqeberha e-Motherwell ngeSonto ehlezi emotweni yakhe.

Iziphathimandla zivumile ukuthi empeleni ziyanda izigameko zokubulawa kwamaphoyisa esifundazweni. Basola lezi zigameko ukuthi zidalwa izigebengu sekulula ukuthi zithole izibhamu.

Iphoyisa elicele ukungadalulwa, lithe alisazizwa liphephile uma ligqoje umfaniswano noma lingawugqokile.

“Uma omunye wethu ebulawa, kuba nomsindo isikhashana bese kuthi cwaka.”

 “Njengamaphoyisa e-SAPS sikhululeke kakhulu, asiqaphi ngokwanele futhi asinazo izinto eziyisisekelo ngoba asinazo izifundo zokuvuselela uma sesiphuma ekolishi, kuyilapho izigebengu zinezikhali nobuchwepheshe obuphambili.”

Elinye iphoyisa lithe bazizwa bengaphephile ngisho bengaphakathi eziteshini zabo.

“Asizizwa siphephile, ingakho uzozwa kuthiwa ezinye iziteshi zamaphoyisa ziyavalwa ebusuku. Siyesaba ngoba silunywa indlebe ngokuthi izigebengu zihlela ukugasela esiteshini zithole izikhali.”

Ezintatha zangoMsombuluko, izimoto ezimbili zamaphoyisa ebezipake esiteshini samaphoyisa e-New Brighton zingqongqiswe umlilo.

Ngokusho komthombo, iminyango ebivaliwe obekwenza izakhamuzi zingakwazi ukufinyelela ebusuku.

UNksz Lizette Lancaster we-Institute for Security Studies (ISS) uthe ziyanda izigameko zokubulawa kwamaphoyisa e-Nelson Mandela Bay.

Ngokwemibiko ye-South African Police Service (SAPS), amaphoyisa angu-22 abulawa phakathi kukaNtulikazi noMandulo nyakenye.

Oyi-Criminologist uGuy Lamb uthe uphenyo lwamaphoyisa lungase lube neqhaza ekwandeni kokubulawa kwamaphoyisa.

 “Izigebengu imvamisa zihlasela amaphoyisa ngoba zifuna izibhamu, amanye ahlaselwa amaqembu obugebengu ngenxa yophenyo mayelana nezenzo zabo ezimbi, njengokubulawa kukaCharl Kinnear eKapa ngo-2020. Noma badutshulwe ngenhloso yokubukela phansi amaphoyisa athula ubufakazi eNkantolo,” kusho uLamb.

Okhulumela i-Police and Prisons Civil Rights Union (Popcru) uRichard Mamabolo uthe kukhathaza kakhulu ukubulawa kwabantu e-Nelson Mandela Bay futhi selokhu kuqale unyaka.

“Sisebenzisana nabaphathi be-SAPS sathola ukuthi alukho uhlelo lokubhekana nalokhu. Esikwaziyo mhlawumbe lokhu kuhlobene nabantu abaqondise amaphoyisa ukuze bathole izibhamu baqhubekisele phambili izenzo zabo zobugebengu,” kusho uMamabolo.

Izihloko zakamuva