Azimuhambeli kahle izinto uTinkler

Umqeqeshi weMaritzburg United uEric Tinkler angazithola esefuna umsebenzi omusha kungekudala.

NgoMgqibelo leli qembu lihlulwe okwesine kulandelana kwi-DStv Premiership, lihlulwa ngamabili eqandeni yiBlack Leopards.

UTinkler, onengcindezi enkulu, angaba ngumqeqeshi wesithathu ukuxoshwa kwi-Premiership kule sizini.

Usihlalo weqembu uFarouk Kadodia uthe, bazoqhubeka nokweseka lo mqeqeshi.

“Kodwa uma izinto ziqhubeka zenzeka ngendlela eziyiyo kungaba yinkinga kuTinkler naseqenjini. Lokhu kuyadumaza nakanjani futhi kumele silubhekisise lolu daba,” kusho uKadodia.

Izinkinga zikaTinkler ziqale ngenyanga edlule ngesikhathi iMaritzburg ihlulwa yiKaizer Chiefs ngamabili kwelilodwa kuma-quarter final e-MTN8. Izinto ziqale ukuba zimbi kuye ngesikhathi behlulwa umdlalo wabo wokuqala weligi ekuhambeni neBaroka FC.

Baphinde bahlulwa yiCape Town City ekhaya neChippa United ekuhambeni ngaphambi kokuhlulwa ngelilodelwa eqandeni yiLeopards ngoMgqibelo. IUnited isephansi kwetafula le-log le-DStv Premiership ngamaphuzu ayiqanda. Bakwazile ukushaya amagoli amabili kodwa bangenelwa ayisikhombisa emidlalweni emine.

UKadodia uphinde wathi, usekhathele ukubona iqembu lakhe likulesi simo njalo ekuqaleni kwesizini entsha.

“Kumele sibhekisise kahle ohlangothini lwethu njengabaphathi bese sibona ukuthi yini le esiyenzayo engalungile,” kusho uKadodia.

Kubukeka sengathi lowo owayengumqeqeshi weOrlando Pirates neCape Town City unethuba lokugcina lokusindisa umsebenzi wakhe. NgoLwesihlanu, iMaritzburg izokwamukela iSuperSport United elimele eHarry Gwala Stadium ngehora lesi-8 ebusuku.

Uma kwenzeka kungayihambeli kahle iMaritzburg uma seyibhekene neqembu langaphambilini likaTinkler ngoLwesihlanu, uTinkler angazibona elandela abaqeqeshi uDylan Kerr oxoshwe yiBaroka FC kanye noPatrick Aussems oxoshwe yiLeopards. UKerr wajoyina iLeopards ngemuva kosuku exoshiwe.

Izihloko zakamuva