Azimhambeli kahle izinto uRonaldo

Dylan Bettencourt

UCristiano Ronaldo akakwazanga ukubekezelela ukubuka iqembu lakhe lihlula i-Tottenham ngakho-ke unqume ukuphuma enkundleni ngaphambi kokuthi kukhale impempe yokugcina.

Lo mdlali wase-Portugal waziwa emphakathini webhola ngokuba ngumuntu othanda ukuzicabangela yena yedwa. 

Kodwa ngoLwesithathu ebusuku ukwenze kwaba kubi kakhulu ngesikhathi ebuyela ngaphakathi enkundleni yase-Old Trafford sekusele imizuzu embalwa ngaphambi kokuthi iqembu lakhe i-Manchester United inqobe ngamagoli amabili eqandeni ihlula i-Tottenham.

URonaldo uzame konke okusemandleni akhe ukucekela phansi umdlalo oncomekayo owenziwe ozakwabo, kodwa imigilingwane yakhe iphinde yalimaza isithunzi sakhe.

Lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala akakaze abe ingxenye yezinhlelo zomphathi omusha u-Erik ten Hag kusukela efikile futhi uchithe ingxenye enkulu yesizini ehlezi ebhentshini.

Ngemuva kokuzama konke okusemandleni ukushiya iqembu ewindini lokuhwebelana nokuphuma enkundleni umdlalo ungakapheli, kubukeka sengathi isiphetho sendlela kaRonaldo sesifike ekugcineni e-England.

Lo mdlali osewine i-Ballon d’Or amahlandla amahlanu akakwazanga ukuvala ukusebenza kwe-United abaningi  abakuchaze njengesizini enhle kunawo wonke amasizini.

I-United isisele ngephuzu elilodwa ku-Chelsea abazobhekana nayo ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kwemidlalo eyishumi abayidlalile.

Ngesikhathi ebuzwa ngokuphuma kukaRonaldo ngaphambi kokuphela komdlalo uTen Hag ubemile kwelokuthi akakuvumeli ubuhlaza bukaRonaldo kugqibe ukunqoba kweqembu.

Umqeqeshi uthe uzobhekana noRonaldo maduze.

Nalokho ukwenze ngesikhathi i-United imemezela ukuthi uRonaldo usekhishiwe eqenjini lokuqala futhi uzoziqeqeshwa yedwa ezinsukwini ezintathu ezizayo.

“UCristiano Ronaldo ngeke abe ingxenye yeqembu le-Man United kulo mdlalo wangoMgqibelo ne-Chelsea. Iqembu lonke ligxile ekulungiseleleni lowo mdlalo,” sifundeka kanjalo isitatimende seqembu.

Imibiko ikhomba ukuthi uRonaldo wenqabile ukudlala esuka ebhentshini ngesikhathi benqoba i-Spurs kubika i-Daily Mail.

Kufanelekile ukusho ukuthi uRonaldo usezofika ekupheleni komsebenzi wakhe, kodwa unethemba lokuthi angeke akhunjulwe ngokuba luhlaza kwakhe, kodwa uzokhunjulwa ngomsebenzi wakhe.

Kuyaqondakala ukuthi uRonaldo ukhungathekile ngokungadlali ngendlela afisa ngayo futhi uzizwa kukukhulu angakwenza eqenjini, kodwa indlela i-United edlala ngayo ayihambisani nesitayela sakhe.

Imilenze kaRonaldo ayikwazi ukumelana nengcindezi eqhubekayo kanye nendlela ehlukile i-United edlala ngayo ngaphansi kukaTen Hag.

Ngenxa kaRonaldo abalandeli bakhe bazothemba ukuthi isisho se-Dark Knight esithi “ungafa uyiqhawe noma uphile isikhathi eside ngokwanele ukuba ube isigebengu,” asisebenzi kuye.

Isithombe esingenhla ngesikaCristiano Ronaldo ephuma ngaphambi kokuphela komdlalo

Umthombo wesithombe: @

Izihloko zakamuva