Lungani Zungu
Umphathi ophethe umasipala waseMngeni uThembeka Cibane usabambelele emsebenzini wakhe, yize kunezinsolo ezikhishwe abezophenyo olukhethekile(i-SIU) eziveza ukuthi uyabandakanyeka kwizigidi ezingama-20 zamarandi okwakumele zisetshenziswe ezintweni ze-Covid-19.
Ngemuva kwenyanga umbiko uphumile, osopolitiki bafakela ingcindezi uNgqongqoshe wokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu(Cogta) uSipho Hlomuka ukuba amise uCibane ngokukhulu ukushesha.
Ngokusho kwe-SIU, imali yentela okwakumele kube ngeye-Covid-19 eyanikezwa umasipala waseMngeni, ongaphansi kwesigodi sase-Mgungundlovu.
Abaphethe uphenyo bathole ukuthi uCibane nguye owaqokwa njengomphathi ngowezi-2017, wagunyaza izigidi ezi-19,950,000 zamarandi imali eyayizosiza izidingo zikamasipala njengoba bekuliwa ne-Covid-19.
I-NGO yendawo ebizwa ngokuthi iSithuthukisa Abantu ithukuthelele uNgqongqoshe uHlomuka.
“Ulokhu eyibibiyela indaba kaCibane. Kumele amiswe emsebenzini. Yilokhu okufunwa abantu abampofu abagebenga”. Kusho uThulani Cele umsunguli aphinde abe yilungu le-NGO.
Usola amakhansela akumasipala wase-Mngeni ukuthi avikela uCibane.
“Kuyacaca ukuthi ubengayedwa ekwenzeni lokhu kungcola kwakhe. Mhlawumbe labantu abamvikelayo bayabandakanyeka kulento ayenzile”.
I-SIU ithe kumele kuvulelwe uCibane icala aphinde azophendula phakathi kwesigungu esiqondisa izigwegwe.
Iqembu le-IFP libize uNgqongqoshe uHlomuka ukuthi kumele ayisukumele le ndaba.
“Kumele lolu daba lusukunyelwe ngokushesha kungabi khona okuzobambezela. Konke kulele kuNgqongqoshe” kusho uBonginkosi Kunene weqembu le-IFP.
“Kuyathusa ukuthi ngesikhathi sibhekene nesifo se-Covid-19, kukhona abantu esibathembile ukuthi bagade isikhwama somphakathi kodwa basebenzisa amandla abanawo ukufinyelela kulemali ukuze bagcwalise amaphakethe abo” kusho uKunene.
UCibane wale waphetha ukukhuluma ne-Scrolla.Africa.