Ayizukushicilelwa kwabezindaba imiphumela kamatikuletsheni

Dylan Bettencourt

Imiphumela kamatikuletsheni ngeke isashicilelwa ezinkundleni zabezindaba kusukela kulonyaka.

UMnyango weMfundo eyisiSekelo  usuthumele isaziso kwabezindaba esiveza ukuthi ngeke isashicilelwa  imiphumela ye-National Senior Certificate (i-NSC) yanyakenye emaphephandabeni.

Imiphumela kamatikuletsheni yanyakenye yezikole eziphethwe uhulumeni izophuma ngomhlaka-21 kuMasingana.

Isizathu salolu shintsho ukuthi ngokoMthetho Wokuvikeleka Kolwazi Lomuntu (i-POPIA), ukushicilela imiphumela yomfundi ngamunye kungaba ukwephulwa kwalomthetho.

I-POPIA, eqale ukusebenza ngoNtulikazi nyakenye, ivikela ekuqoqweni okungekho emthethweni, ukugcinwa, ukusatshalaliswa kanye nokusetshenziswa kolwazi lomuntu siqu.

Inombolo kamazisi yomfundi ngamunye kanye nenombolo yokuhlolwa ibijwayele ukushicilelwa eminyakeni edlule. 

Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnu Elijah Mhlanga, uthe imiphumela kamatikuletsheni izotholakala ezikoleni njengoba bekwenzeka eminyakeni edlule.

UMhlanga wengeze ngokuthi abafundi bazokwazi ukuyolanda imiphumela yabo ezikoleni abebefunda kuzo uma imiphumela isikhona.

“Ngalesi senzo kuzovikeleka imininingwane yabo nemiphumela yokuhlolwa kwabo,” esho.

Umthombo wesithombe: @SAUni

Izihloko zakamuva