Lubhalwe nguMichael Madyira
Ngesikhathi AmaZulu exosha uBenni McCarthy ngoNdasa nyakenye, ibhola lakuleli alibonanga ukuthi lalahlekelwa umqeqeshi obaluleke kanjani.
Ngemuva kokulaxazwa Usuthu, isilomo seBafana Bafana sibonakale siphelelwe ithemba ukuthi sizokwenzenjani.
Kodwa ngokumangalisayo waphinde wavuka ngemuva kwezinyanga ezine ngesikhathi eqokelwa umsebenzi wamaphupho njengomqeqeshi obhekelela abagadli eqenjini le-Manchester United.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-45 ubudala ubambe iqhaza ekusebenzeni nomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni uCristiano Ronaldo nabanye abahlaseli be-Red Devils abebelwela ukuthola amagoli.
Kodwa ezinyangeni eziyisithupha nje eqalile ukusebenza uMcCarthy useguqule ukuhlasela kwe-United kwaba iqembu elikhulu, ngisho nangemuva kokuhamba kukaRonaldo.
UMarcus Rashford usekhuphukile waba umdlali ohamba phambili eqenjini useshaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni yakhe yokugcina eyisikhombisa.
Umphathi we-United, u-Erick Ten Hag akakwazanga ukuzibamba ngenjabulo yakhe ngoMcCarthy osenze umehluko e-Carrington.
“Ethimbeni lethu labaqeqeshi besinabadlali abaningi basemuva nabadlali basesiswini,” kusho uTen Hag kubika i-Manchester Evening News.
“Nami bengifuna ukwenza njengaye. Unobuhlakani njengowake waba umgadli kudala futhi lo msebenzi awenzayo ukhethekile eqenjini.
“Angikaze ngidlale, ngakho nginenhlanhla yokuba nomuntu engisebenza naye owayedlala khona. Ibhola limayelana nokushaya amagoli futhi nokuba nonozinti onguchwepheshe, kodwa futhi unabo ochwepheshe abahlaselayo kanti futhi sinaye umqeqeshi wokushaya amagoli.”
NgokukaTen Hag, uMcCarthy wenze umthelela hhayi kubadlali be-United kuphela, kodwa naseqenjini lonke.
“Usebenza kanzima ukuhlanganisa iqembu futhi unobudlelwane nabo bonke abadlali eqenjini lethu,” kusho uTen Hag.
“Kufanele futhi asebenze ngokubambisana nathi sonke futhi wenza umsebenzi omuhle kulokho.” Ngaphambi kokubizwa kwi-United uMcCarthy ubeseqeqeshe Usuthu imidlalo engu-60.
Ngesizini yakhe yokuqala ku-Usuthu, ubenze bafeza iphupho labo ngemuva kokubafaka endaweni yesibili ku-PSL ka-2020/21.
Lokho kwenza leli qembu laKwaZulu-Natal okokuqala ngqa langenela umqhudelwano we-CAF Champions League laze lafinyelela esigabeni samaqoqo.
Ngaphambi kokuqashwa AmaZulu, uMcCarthy uke waba umqeqeshi we-Cape Town City eyanqoba isicoco se-MTN8.
Njengoba bengazange bamucabange ngesikhathi iBafana Bafana idinga umqeqeshi yaze yaya e-Belgium ukuyolanda uHugo Broos, uMcCarthy kungenzeka ukuthi wayengasho lutho kubona.
Manje usefakazela ukuthi unekhono kwelinye lamaqembu amakhulu ebhola emhlabeni.
Osesithombeni esingenhla: UBenni McCarthy
Umthombo wesithombe: Manchester United