Menzi Magubane
Umshushisi osanda kuqokwa kwi-PSL, uZola Majavu, ubeke i-Kaizer Chiefs icala ngokuphuthwa imidlalo emibili ngoZibandlela.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi i-Chiefs ibekwe icala lokungadlali imidlalo emibili,” kusho uMajavu ngoLwesithathu.
I-Chiefs iphuthelwe umdlalo we-Cape Town City kanye nomdlalo we-Golden Arrows ngenxa yokubheduka kwe-Covid-19 ekhempini yayo. Babe sebenxusa iligi ukuthi ihlehlise imidlalo yabo emihlanu ngoZibandlela.
Kodwa iligi isichithile isicelo sabo, okuphoqe i-Chiefs ukuthi idlale kuphela imidlalo emithathu yokugcina onyakeni. NgoLwesihlanu, ngomhlaka-21 kuMasingana, i-Chiefs izobhekana nekomidi leligi eliqondisa izigwegwe ukuze iphendule amacala athinta ukungadlali kwayo kule midlalo emibili.
“Icala lihlehliselwe ukuqulwa ngoLwesihlanu oluzayo ngo-4 ntambama kanti uma lezi zindaba seziqediwe ngizobe sengidlulisela isiphetho,” kusho uMajavu.
Kuyaqondakala ukuthi uma i-Chiefs itholakala inecala, izoshaywa ngoswazi oluncane bese amaphuzu amathathu azothathwa anikwe i-City ne-Arrows. Kodwa Amakhosi asekucacisile ukuthi azosidlulisela phambili isinqumo seligi esingahambisani nawo.
Sebehlanganise ithimba labammeli eliqinile elizobhekana noMajavu kanye nenkampani okusho ukuthi mancane amathuba okuba balivume icala uma kuqala ukulalelwa kwecala.
Khonamanjalo, uMajavu uphinde waqinisekisa ukuthi i-Cape Town City ilivumile icala ngemuva komdlalo wayo ne-Maritzburg United odlalwe ngaphansi kombhikisho okade ukhona. I-United ifake isikhalazo ngemuva kokwebiwa kwamakhadi abadlali be-City enxanxatheleni yezitolo amahora ambalwa ngaphambi komdlalo abawunqobe ngo 3-2.
I-City izokwazi ngoLwesihlanu oluzayo ngesinqumo odabeni lwayo kanti nayo kungenzeka ilahlekelwe amaphuzu amathathu.
Umthombo wesithombe: @KaizerChiefsFC