Ayikho inkomo yobuthongo kwelaseMzansi

Umdlalo wochungechunge osematheni kuleli iShaka Ilembe ungase uqhubekisele phambili imboni yezobuciko yakuleli  emhlabeni jikelele, kubhala uThabiso Sekhula.

Imiqhudelwano yezemidlalo kanye nama-braai izona zinto ezikwazi ukuhlanganisa abantu bakuleli. Kodwa kuleli sonto sibone uchungechunge oluhlanganisa abantu bakuleli kwelinye izinga. 

Sinenqwaba yentsha enamakhono eMzansi futhi ngokutshala imali ngendlela efanele izihlabani zethu zingakwazi ukundiza emhlabeni wonke, ngokwesibonele sibuke uMusa Motha odanse wathambisa izinhliziyo emhlabeni wonke jikelele kwi-British’s Got Talent futhi usesebenzisana nezihlabani ezinkulu emhlabeni.

Inkampani i-Multichice ixhase i-Bomb Production ekhiqize iShaka Ilembe ngezigidigidi zemali okuyinto entsha kumdlalo wochungechunge okusetshenziswa ulimi lwesiZulu.

Izinga lalo mdlalo lihlanganise izingwazi ezifana noMondli Makhoba noDawn Thandeka King nezihlabani ezifana noNomzamo Mbatha noLwmogang Tsipa. Lo mdlalo uhlanganisa nabalingisi abaningi abaqalayo ukulingisa okubalwa nodlala indawo kaShaka esemncane uNtando Zondi.

Ubuciko bakuleli ibona obungasinika ithuba lokungenela imiqhudelwano yomhlaba isibonelo, iqembu lomculo elizibiza ngeNdlovu youth choir, uDj odumile uBlack Coffee kanye noThuso Mbedu impela elakuleli liphethe amandla kwezobuciko. 

E-Limpopo ubuciko buyathuthuka ngenxa yezinhlelo ezifana no-TikTok eziqinisekisa ukuthi abantu abasha abadingi izinto eziningi ukuphumelela bangazenzela bona ngezandla zabo. Imikhiqizo eminingi isebenzise le nkundla yezokuxhumana ukuthola amathalente ngisho nasezindaweni ezikude kakhulu futhi yilapho i-Limpopo ingena khona.

Izihlabani zamafilimu ezinjengoTom Cruise zibone indawo yase-Limpopo njengendawo enhle yokwenza amafilimu. Washutha ingxenye yefilimu yakamuva ethi-Mission Impossible endaweni yezilwane zasendle esifundeni sase-Maruleng. E-Limpopo sinakho kokubili amahlathi amakhulu emvelo nokunye okutshalwe abantu, izintaba eziningi okufinyeleleka kalula kuzo futhi emadolobheni amaningi ungasuka endle uye emanzini uphinde uye ezintabeni ngemizuzu engu-30 noma ikuphi.

Ukukhanga kwalezi zindawo kuyamangalisa. Umlingisi we-Generations The Legacy, uKope “Tswyza” Makgae usesebenzise ubuciko bakhe ukubuyisela emphakathini wangakubo e-Limpopo ngokuqala izitudiyo zokuqala zamafilimu nomabonakude kulesi sifundazwe. Lokhu kugqugquzele ukuqoshwa kwemikhiqizo yakuleli ngezilimi zakuleli.

Ngalokhu okwenzekayo sesibone izinkampani eziningi nestudiyo i-Made in Limpopo ziqhuba amaphrojekthi okulingisa esifundazweni futhi kuxhaswa amaphrojekthi amafilimu.

Intsha ephethe la maphrojekthi iyazazi izindaba okumele izixoxe. Abazilahli izimpande zabo esikhundleni salokho basebenzisa izindaba ezindala ezadluliswa okhokho babo kubo bazixoxe ngendlela yamanje sebefake ubuhlakani babo ukuze zihehe intsha esakhula.

Uyacabanga ukuthi ikusasa liyoba njani esizweni esithanda ubuciko njengesethu? Kanti sengibheke ngabomvu lowo oyokhiqiza indaba yeNdlovukazi yemvula uModjadji.

I-Cannes kumele isilindele ngoba siyeza.

Esithombeni esingenhla: UNtando Zondi odlala indawo kaShaka esemncane.

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva