Ayikho ezimisele ukugoba uphondo esitelekeni sabasebenzi baseShaka Marine

USihle Mavuso ukulethela ezinohlonze KwaZulu-Natal

EThekwini – Ubuholi bomfelandawonye wezinyunyana i-Cosatu namuhla buvakashele futhi bakhuluma nethimba labasebenzi abatelekile e-Ushaka Marine World, eThekwini. UMengameli we-Cosatu, uZingiswa Losi ubaqinisekise ukuthi umfelandawonye uyabeseka. Laba basebenzi bangaphansi kwe-Cosatu edlelana ne-South African Municipal Workers Union, efuna amaholo angcono kuMasipala weTheku oholwa yi-ANC. Sekuyisonto lesibili kuqhubeka isiteleka sabo ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zamaholo.

E-Newcastle – I-EFF Student Command isiwuqalile umkhankaso wayo wokunqoba ukhetho eMajuba College e-Newcastle. Umkhankaso wabo uqale ngemuva kokuthi uphiko lwabafundi beMK luvunyelwe yiqembu likaMnuz Jacob Zuma ukuthi lungenele ukhetho olungadala imipikiswano ne-Sasco edlelana ne-ANC. Ikolishi linezikhungo eziyisithupha, esikhulu kunazo zonke siseduze nenkaba yedolobha lase-Newcastle.

KwaXimba – Usaqhubeka umbhikisho womphakathi KwaXimba eThekwini ngenxa yokushoda kwamanzi. Lesi siteleka siqale ngesonto eledlule kanti manje sesinodlame futhi sithinta amafemu athile endaweni yezimboni yase-Cato Ridge. Izolo ebusuku kuvalwe eminye yemigwaqo kule ndawo naleyo engenela endaweni yezimboni. Abaholi besiteleka bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka kuze kubuye amanzi.

EMsinga – I-ANC izogasela esizindeni  se-IFP eMsinga Maphakathi nesifundazwe ngoLwesithathu kanti uNobhala-Jikelele uFikile Mbalula nguyena ozohola i-rally. Kwenzeka lokhu nje, iqembu elibusayo lilungiselela ukwethula usomqulu weqembu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo. UMsinga ungenye yezindawo ezindala ezinabalandeli abaqainile be-IFP. Ngo-2011 ngesikhathi umfelandawonye we-ANC ne-NFP uhlwitha cishe bonke omasipala baseKZN ku-IFP, uMsinga noLundi baqhubeka nokwethembeka eqenjini.

EThekwini – Ilungu lePhalamende le-National Freedom Party (NFP), uShaik Emam, usechaze ngokuhlangana kwakhe neqembu lezepolitiki elisanda kubhaliswa i-African Movement for Change (AMFC) kanye nesinqumo salo sokusebenzisa ubuso bakhe ezingqwembeni zabo. Encwadini yangomhlaka-19 kuNhlolanja 2024 eya kozakwabo, u-Emam uthe iqembu lize kuye ukuzomcela ukusebenzisa ubuso bakhe kodwa ubengakasayini lutho nalo. Uthe iqembu “lithathele phezulu” lasebenzisa isithombe sakhe engavumile. Kuyona le ncwadi, uthe uyazi nokuthi i-NFP ingase ingakwazi ukungenela ukhetho ngenxa yezingxabano eziqhubekayo futhi lokho kuyamkhathaza kakhulu.

Esithombeni esingenhla: Abasebenzi abatelekile e-Ushaka Marine World. 

Umthombo wesithombe: Cosatu

Izihloko zakamuva