Ayibonwa nangokhalo iMeya entsha yaseGoli

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

UKabelo Gwamanda akabonwa nangokhalo selokhu aqokwa njengeMeya yaseGoli esikhathini esingaphansi kwenyanga edlule kanti uNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula ufuna ukwazi ukuthi kungani.

URazzmatazz, okuyigama aziwa ngalo njengesikhulu se-ANC uthe iqembu likhathazekile ngokungafiki kukaGwamanda emasontweni ambalwa nje evotelwe njengelungu le-ANC ne-EFF.

UGwamanda umele iqembu elincane le-Al Jama-ah.

“Ukungabi khona kweMeya yaseGoli yinto engifunde ngayo kuyakhathaza lokhu kakhulu,” kusho uMbalula.

“Kungani iMeya ivele inyamalale nje? Ngokubambisana nobuholi besifundazwe, ngizoba nengxoxo nabasebenzi bethu ukuze siqonde ukuthi kwenzekani.

“Asifuni iMeya kuphela kodwa sifuna omele umphakathi abonakale,” kusho uMbalula.

Umphathi we-ANC uveze ukuthi uGwamanda “ulele emsebenzini” njengoba engekho esikhundleni ngenyanga yakhe yokuqala njengomholi womkhandlu, ngesikhathi sobunzima edolobheni.

“Uma iMeya ingatholakali ndawo kusho ukuthi lilele emsebenzini futhi lokho kufanele kusikhathaze kakhulu.”

Lokhu okwenzekayo kuyisifundo ngoba ngoZibandlela nyakenye iqembu elincane lamaSulumane, i-Al Jama-ah lakhala ngokuthi lowo owayeyiMeya ye-DA ngaleso sikhathi uMpho Phalatse wahamba ngaphandle kwekhefu ngesikhathi izingxenye zedolobha zicekelwa phansi izikhukhula.

Cishe ezinyangeni eziyisithupha kamuva, amatafula aseshintshile uGwamanda we-Al Jama-ah unyamalele cishe inyanga yonke.

UGwamanda uqokwe njengeMeya yaseGoli ngenyanga edlule futhi wavele wathatha ikhefu ngemuva kwamahlebezi okungabaza ukuthi ukufanele yini ukuba esikhundleni.

Okokuqala wasolwa ngokuhola uhlelo lwe-burial society olwaluqola amalungu.

Lokho kwalandelwa ngokushesha izinsolo zokuthi akanaso isitifiketi sikamatikuletsheni noma imfundo esemthethweni. 

Iqembu lakhe i-Al Jama-ah kanye ne-ANC ehola umfelandawonye ophethe eGoli, bebesenkingeni bezama ukuchaza ngokungabibikho kwakhe.

UPhalatse yena wayese-Limpopo emshadweni wakhe.

Izihloko zakamuva