Ayakhula amahlebezi okuqokwa komqeqeshi omusha kwelaseNgilandi 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Njengoba i-England ikhishwe eNdebeni yoMhlaba amahlebezi okuthi umqeqeshi uGareth Southgate uzophelelwa umsebenzi asequbule umbango njengoba kuthiwa kungase kube umqeqeshi wangaphandle ozothatha izintambo.

INdebe yoMhlaba ivamise ukuza nezinguquko eziningi zokuphatha njengoba abaqeqeshi beshiya phansi uma iqembu labo selikhishiwe.

URoberto Martinez wase-Belgium, uLuis Enrique wase-Spain kanye noLouis van Gaal wase-Netherlands sebehlileezikhundleni zabo kulandela ukuphuma kwabo e-Qatar.

Ngemuva kokuthi i-France ikhiphe i-England, imibuzo eminingana ngendima kaSouthgate ibilokhu yanda.

Inkulumompikiswano iholele ekutheni abantu baqagele ukuthi ngubani okufanele athathe izintambo futhi ozolungisa i-England kanti kubalwa uThomas Tuchel no-Mauricio Pochettino okuyibona abangase bathathe izintambo.

Kodwa-ke, kulaba baphathi abangakasebenzi akekho oqhamuka e-England okuqubule inkulumompikiswano ngokuthi ngabe umphathi wangaphandle angaphinde athathe izintambo futhi. 

Owayengumdlali wasemuva we-England u-Jamie Carragher ubhale ku-twitter ukuthi umqeqeshi we-England “kufanele aqhamuke e-England.”

Iqembu lesizwe lase-England liyaziwa kubaphathi bangaphandle njengoba uFabio Capello wase-Italy kanye noSven-Goran wase-Sweden bebephethe.

Amaqembu ase-Afrika ajwayele ukuholwa ngabaphathi bakwamanye amazwe njengeBafana Bafana ephethwe uHugo Broos wase-Belgium.

Ingxenye enkulu yokuba umqeqeshi weqembu lesizwe ukuqonda amasiko namagugu aleso sizwe ukwazi ukuthi kusho ukuthini ukuba ingxenge yeqembu lesizwe nokumela isizwe sonke. Lezi izici umphathi wangaphandle angase angabi nazo.

Nokho nakuba uphuma ezweni elilodwa kunenzuzo yakho, amaqembu afana ne-England asuke ekulindele futhi umqeqeshi ophethe kufanele kube nguyena okwazi ukufeza lezo zinhloso kungakhathalekile ukuthi uzalelwa kuphi.

Uma i-England inquma ukuthi uTuchel ungumqeqeshi ongcono kakhulu ozoyisa iqembu phambili kumele bangakubheki ukuthi ungowase-Germany kumele banake iqhaza azolibamba.

Ukuhamba nomqeqeshi wamaNgisi kubonakala kuyiyona ndlela ephephe kunazo zonke ku-Three Lions njengoba uSteven Gerard kubhekwe ukuthi athathe izintambo uma uSouthgate eshiya indima yakhe.

Isithombe esingenhla ngesikaGareth Southate

Umthombo wesithombe: The Athletic

Izihloko zakamuva