Ayakhula amahlebezi ngesithombe sikaNgqongqoshe wamaphoyisa nabesifazane ababili

Celani Sikhakhane

UNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnu uBheki Cele, ubonakale ezijabulisa kakhulu endaweni yokucima ukoma eKapa.

UNgqongqoshe uvela esithombeni esitshwetshulwe mhlaka-30 kuZibandlela emi nabesifazane ababili abebegqoke izingubo ezingawufihlile umzimba endaweni yokucima ukoma eyaziwa nge-Coco eseKapa.

UMnu uCele ubegqoke isigqoko sakhe asithandayo kanye nehembe likanokusho. Laba besifazane ababili abame eduze kwakhe bebegqoke izikibha ezifana ngemibala eziveza inkaba kanye nezicathulo eziphakeme.

Njengoba bobathathu kade begqoke izifonyo, lo wesifazane ongasesandleni sobunxele kuMnu uCele ubonakala engaligqokile iphenti kuphinde kubonakale nesandla sokudla sikaNgqongqoshe sisondele kakhulu esithweni sangasese salo wesifazane. 

Okhulumela uMnu uCele, uLirandzu Themba, ubhale ku-Twitter ukuthi umcimbi abewuhambele uMnu uCele bekungewona owendodakazi yakhe, njengoba bekunamahlebezi asho njalo ezinkundleni zokuxhumana.

Izihloko zakamuva