Axabana wodwa amalungu e-ANC kwaHlabisa

Celani Sikhakhane

Amalungu e-ANC kwaHlabisa KwaZulu-Natal abizwa nge-Big 5 asole umfowabo kalowo owayenguNgqongqoshe wezempilo uMnu uZweli Mkhize ngokuwahlasela.

La malungu athe abenomhlangano wegatsha ngoLwesine ekuseni ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi e-KZN endaweni yakwa-Nibela ngesikhathi uMnu Mjaphani Mkhize kanye nezingane zakhe ezingamalungu egatsha beqala ukubakhanda ngamatshe bashaya ngisho nezimoto zabo.

U-ANX Nkululeko Mdluli namanye amalungu e-ANC bathi izingane zikaMkhize zingabaholi begatsha le-ANC.

Ikhumbi ebipakwe ngaphandle kwendawo yomhlangano ijikijelwe ngamatshe kwahlephuka amafasitela.

UMdluli othi uthole amachaphazelo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imbangela ebayise kuleyandawo ukuyobheka nokuthola iqiniso lokuthi uMkhize nezingane zakhe bebebiza umhlangano ngaphandle kokwazisa amalungu eqembu.

Usole abakwaMkhize ngokweba amagatsha ngokungena kwi-QR code bese bethatha yonke imininingwane yamalungu ukuze bayiqophe njengengxenye yomhlangano ozoqoka abaholi nezithunywa ezizoba ingxenye yengqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe ngoNtulikazi.

“NgoLwesine siye kobheka ngoba sesiyaza ukuthi abasayimemezeli imihlangano sekuze kwaba izinsuku eziyisikhombisa futhi abahambi ngenqubo yoMthethosisekelo we-ANC ngoba befuna ukuvimbela izinombolo ukuthi zingabaphikisi,” kusho uMdluli.

UMjaphani Mkhize utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akazi ukuthi uMdluli ukhuluma ngani ngoba alukho udlame noma ingxabano ebeke yaba khona emhlanganweni.

“Empeleni inethiwekhi yami iyahlupha, kodwa angazi ukuthi ukhuluma ngani,” esho ngaphambi kokuvala ucingo.

UNobhala we-ANC esifundeni uMnuz Verus Ncamphalala usiqinisekisile lesi sigameko, kodwa wathi usalinde umbiko kulowo obethunyiwe ukuthi  aqaphe umhlangano.

“Kuze kube yimanje sisalinde umbiko ovela kubasebenzi bethu ukuze sithole ukuqonda ukuthi ngempela kwenzekeni emhlanganweni,” kusho uNcamphalala.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe baphenya amacala okucekela phansi impahla nelokushaya.

Izihloko zakamuva