Doreen Mokgolo
ULebo Makhene-Pulumo ongunkosikazi womlingisi nomculi uLetoya Makhene-Pulumo, uthi angeke baxolise ngokudicelela phansi isithunzi somlingisi ongusomabhizinisi uMatlhogonolo Ledwaba.
Lesi sishoshovu esake salingisa kwi-Generations sithweswe icala lokucekela phansi impahla ngemuva kwezinsolo zokuthi uhlasele indawo yokubhaka kaMatlhogonolo ngempelasonto edlule. Le ngxabano yenzeke ngesikhathi kubungazwa usuku lokuzalwa laloyo odumile uNyaniso Bhengu.
UMatlhogonolo kulindeleke ukuthi axolise esidlangalalenj, ahoxise zonke izitatimende ezishicilelwe ezinkundleni zokuxhumana bese ekhokha u-R500 000 zingakapheli izinsuku ezingu-14.
ULebo uthe ukuboshwa kwakhe kulimaze isithunzi sakhe nesomkakhe.
“Ngilahlekelwe ithuba lokubhala izincwadi lapho bese ngifake khona isikhathi nemali yami ngenxa yezinsolo nokuboshwa,” kusho uLebo.
“Unkosikazi wami naye akasafonelwa kuma-Auditions. Sikhathele ngabantu abasizakala ngathi kwabezindaba.”
Uthe akazimisele ngokuxoxisana namuntu kodwa ufuna ukufundisa umnikazi webhizinisi nabanye isifundo. UBhengu uthe uyazisola ngokumema lezi zithandani emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa.
“Bekumele babekhona isikhashana ngoba bebenezinye izinhlelo kodwa banqume ukuthi bahlale ngenxa yotshwala bamahhala. ULebo wahluleka ukuzibamba ngesikhathi uLetoya ephikelela ngokuthi abahambe, ngokucasuka washaya omunye wabathengi abebezama ukumehlisa umoya. Ubusuku bami bumoshekile ngenxa yabo,” kuchaza uBhengu.
UMatlhogonolo uthe uzwe ngecala lokudicilela phansi isithunzi sikaLebo ngentatheli.
“Namanje angikaqondi ukuthi kungani engimangalela ngoba uhlakaze indawo yami. Yimina owenze yonke into ngakhipha imali engaphezu kuka-R20 000. Ngabe kwakulindeleke ukuthi ngikhohlwe ngakho ngingawafaki amacala kodwa ebe elimaze impahla yami ngamabomu?” ebuza.
UMatlhogonolo unqabile ukuphawula kakhulu wathi lolu daba selusezandleni zommeli wakhe.
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel uDimakatso Sello ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ase-Midrand aphenya icala lokucekela phansi impahla nelokushaya.