

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umbhali wezemidlalo
Naphezu kwezinhlekelele eziningana kanye nezingozi ngesikhathi se-Las Vegas Grand Prix, lo mjaho ukhombisile ukuthi ubungahlelekile kangakanani.
UMax Verstappen akakaze futhi akasoze abe umlandeli wombukiso we-Formula 1 ngaphandle komjaho wangempela.
Emqhudelwaneni we-Vegas Grand Prix bekugxilwe kakhulu kumbukiso ngaphandle kokugxila kumjaho wangempela.
UVerstappen uzwakalise imizwa yakhe ukuthi kungani engayijabuleli i-Vegas Grand Prix.
“Ngiyayithanda i-Vegas kodwa hhayi ukushayela ngemoto ye-Formula One.”
“Ngithanda ukuphuza iziphuzo ezimbalwa, ngizijabulise ngidle ukudla okumnandi. Kodwa imizwa nentshisekelo yokudlala ayikho uma ngiqhathanisa namanye ama-track. Kukhona okuningi mayelana nezindawo zomjaho ezahlukene. E-Spa, ne-Monza ukubona abalandeli kuyamangaza futhi uma ngingena emotweni ngiba nomfutho kanti ngiyakuthanda ukushayela kulezi zindawo.”
Umpetha womhlaba osewine izikhathi ezintathu uchaze ukuthi ezinye izindawo ngokuvamile azifanelekile kanjani ukuhamba izimoto ze-Formula 1 futhi uqinisile.
Okwenza izinto zibe zimbi nakakhulu umcimbi wempelasonto awuhlelwanga kahle futhi abalandeli bakhokhe inani eliphakeme kakhulu.
Futhi bafake icala ngokumelene ne-Formula 1.
Sekuvulwe icala elibhekene nabahleli be-Formula 1 kwi-Las Vegas Grand Prix, kulandela ukuphazamiseka okuholele ekutheni abalandeli baphuthelwe izikhathi eziningi zokuqala zokuzilolonga ngoLwesihlanu.
Isigameko sokuqala senzeke ngesikhathi uCarlos Sainz we-Ferrari eshayisa indawo yokuhambisa amanzi, okuholele ekutheni iseshini yokuqala iphazamiseke ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalolunye kuphela. Imizamo yokulungisa indawo yokuhambisa amanzi kanye nokuhlola eminye ibambezele ukuqala kweseshini yesibili kusukela phakathi kwamabili kwaze kwaba ngu-2.30 ekuseni.
Okwengeza kulokhu abalandeli abakwazanga ukuzibonela ngawabo iseshini yesibili yokuzilolonga njengoba becelwe ukuthi baphume ngenxa yokuphelelwa isikhathi kwabasebenzi bakule ndawo.
Nakuba abahleli be-F1 kanye ne-Las Vegas Grand Prix benikeze abalandeli ama-voucher okuthengenga ($200) njengesinxephezelo kulabo abathenge amathikithi eseshini eyodwa, lokhu akuhlalanga kahle kulabo ababethenge amaphakheji ezinsuku eziningi.
Icala lifakwe eNkantolo Yesifunda sase-Nevada e-Dimopoulos Law Firm ihambisana ne-JK Legal & Consulting.
Yize okhulumela i-F1 eqinisekisa okwenzekile, kodwa wenqabile ukuphawula kabanzi ngalolu daba.
Isithombe esingenhla: I-Las Vegas Grand Prix.
Umthombo wesithombe: F1