Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amasampula okudla “i-brown dash”, afana nalawo athengwe esitolo sabaphuma emazweni angaphandle e-Naledi, e-Soweto, okusolakala ukuthi kubulale izingane eziyisithupha, kuhloliwe kwatholakala ukuthi akanawo ubuthi.
Kodwa-ke, umbiko we-toxicology ngesampula lokudla okulula (snack) okutholwe kupulasitiki kwelinye lamaphakethe abagilwa usazodalulwa.
Emasontweni amathathu edlule, abangani abayisithupha, abaneminyaka ephakathi kweyisithupha nesishiyagalombili – uKatlego Olifant, uMonicca Sathekge, uZinhle Maama, u-Isaago Mabote, uNjabulo Msimango kanye noKarabo Rampou – babulawe ukudla okunoshevu ngemuva kokudla ukudla okulula ababekuthenge esipaza.
Engxoxweni abe nayo ne-eNCA udokotela wemvelo uLucky Tshihanyise uthe imiphumela yamasampula abawathathe esitolo ayinawo amakhemikhali.
“Sisamatasa nophenyo futhi siqaphe izipaza endaweni ukuthi ziyayilandela yini imithetho,” usho kanje.
“Izimemezelo zizokwenziwa uma uphenyo seluphothuliwe, kodwa okwamanje singaphawula kuphela ngomkhiqizo osolwayo.”
Selokhu kwenzeke lesi sigameko, uhulumeni usetshale odokotela abangu-80 bezempilo yezemvelo eGauteng ukuthi baphenye ngekhemikhali engase ihlotshaniswe namacala wokudla okunobuthi esifundazweni.
Imindeni yezingane ithi ibingakaziswa ngemiphumela yakamuva.
Umalume kaKatlego Olifant, uThabiso Kobuoe, utshele iScrolla.Africa ukuthi isibhedlela sithole ushevu wamagundane egazini likamshana wakhe wathi kodwa umndeni usalinde imiphumela ye-toxicology kumasampula okudla okudliwe izingane.
“Sithukile ukuthi imiphumela isibuyile kodwa asizange saziswe futhi sizwe ngayo ngemibuzo yabezindaba.
“Asazi ukuthi sizokwenzenjani ngalokhu; sisasezinhlungwini ezijulile nemibuzo ayikaphenduleki yokuthi ushevu wamagundane ufike kanjani egazini likaKatlego,” usho kanje.
Uyise kaMonicca Sathekge uthe umndeni usalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwendodakazi yakhe.
“Ukuze sikuqonde lokhu futhi siqale ukululama, kumele sazi ukuthi ushevu uphuma kuphi nokuthi ungene kanjani ekudleni okudliwe izingane.
“Kumele baboshwe abantu abathintekayo bakhokhe ngokubangela thina nomphakathi ubuhlungu obungaka,” usho kanje.
Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezeMpilo kanye nezokuPhepha koMphakathi eGoli u-Ennie Makhafola ukuqinisekisile ukuthi imiphumela yamasampula athathwe kumabhisikidi okusolakala ukuthi abulala izingane ezimbili endaweni ngonyaka odlule ibuye ingenawo ushevu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uSteve Mabona, uthe umnyango ubungakayitholi imiphumela.
Esithombeni esingenhla: Amasampula okudla atholakale ephelelwe yisikhathi ezipaza.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
