Awukho umvalelo onzima ozoba khona kusho uRamaphosa

UMengameli uCyril Ramaphosa uwachithile amahlebezi okuthi uhlela ukubuyisela izwe kwizinga lesithathu lomvalelo.

Noma kunezixwayiso zokuthi i-Covid-19 ingase iqubuke futhi.

URamaphosa ngoLwesibili uthe, yize ekhathazekile ngokwanda kokuthelelana nge-Covid-19, asikho isidingo sokwethuka.

Uthe, okudingeka njengamanje ukulandela ngokuqinile imigomo yokuphepha ye-Covid-19.

Isithombe: @CyrilRamaphosa

Izihloko zakamuva