Awugomile? Awuvumelekile ukuba khona kwiNdebe yoMhlaba

Dylan Bettencourt

I-Qatar, abasingathi beNdebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2022, izovumela kuphela abantu abagonywe ngokuphelele ukuthi baye emidlalweni.

Izwe lase-Gulf lizobamba iNdebe yoMhlaba phakathi kukaLwezi mhla zingama-21 noZibandlela mhla ziyi-18 emqhudelwaneni osugcwele impikiswano selokhu bamenyezelwa njengabasingathi.

UMengameli we-FIFA uGianni Infantino umemezele ukuthi yonke imidlalo yeNdebe yoMhlaba izodlalwa ezinkundleni ezigcwele ngokuphelele.

USheik Khalid bin Khalifa bin Adbulaziz Al Thani, undunankulu wase-Qatar, uthe iningi lamazwe emhlabeni wonke kuzolindeleka ukuthi selifikile esigabeni sokuzivikela uma umqhudelwano uqala, kodwa i-Qatar isazothatha zonke izindlela zokuzivikela.

USheikh Khalid uthe isifiso sabo bekuwukusingatha umqhudelwano i-Covid ingekho ngezinhlelo zokugoma noma ngubani ovakashela izwe ongakatholi umgomo wakhe we-Covid-19.

Uthe baxoxisana nenkampani ukuthi ihlinzeke ngemithamo eyisigidi yemithi yokugomela i-Covid-19 ukuze kugonywe futhi kuvikelwe abanye balabo abeza e-Qatar.

I-Qatar vele isigome abantu abayizigidi ezingama-2.8, cishe u-50% wabantu bayo.

Lesi sambulo sakamuva singesinye sezimpikiswano ezisencane njengoba i-Qatar izosingatha iNdebe yoMhlaba.

Ngonyaka owedlule, iMelika yathi izikhulu ze-FIFA zifumbathisiwe ukuze zamukele isicelo esivela e-Qatar nase-Russia sokusingatha lo mqhudelwano ngowezi-2022 nangowezi-2018 kulandelana.

Futhi, NgoNhlolanja kulo nyaka, uphenyo olwenziwe yi-Guardian luveze ukuthi bangaphezu kwabayizi-6 500 abasebenzi bokufika abashonile e-Qatar selokhu yathola ilungelo lokusingatha iNdebe Yomhlaba ngowezi-2010.

Umthombo wesithombe: @FootyHeadlines

Izihloko zakamuva