Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Yize i-EFF iqale imibhikisho ngesivinini emadolobheni amakhulu, akubanga khona ukuphazamiseka e-Nelson Mandela Bay.
Zonke izinto beziqhutshwa njengenjwayelo ezindaweni eziningi zedolobha lase-Nelson Mandela Bay.
Amalungu amaningi e-EFF ahlangane enxanxatheleni yezitolo e-Boardwalk e-Summerstrand, okuyindawo eheha izivakashi e-Nelson Mandela Bay, ecula izingoma zomzabalazo kanti amaphoyisa abegcwele yonke iminyango enxanxatheleni yezitolo.
Nokho-ke ngaphakathi enxanxatheleni yezitolo bekuhamba njengenjwayelo abaxhasi beqhubeka nomsebenzi wabo ngaphandle kokuphazamiseka.
Khonamanjalo, umholi we-EFF esifundazweni uKhanya Ngqisha uthe umbhikisho ube nomphumela abebewufisa.
“Umbhikisho uhamba kahle kakhulu ngoba amabhizinisi amaningi avaliwe. Lolu akulona usuku olujwayelekile, kuthule kakhulu, futhi abantu abaningi basemakhaya.
Nenxanxathela yezitolo i-Boardwalk angeke yenze inzuzo efanayo naleyo ejwayele ukuyenza ngenxa yombhikisho we-EFF. Kuze kube manje umbhikisho ube impumelelo enkulu,” kusho uNgqisha.
Ekhuluma nabezindaba, uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant Nomthetheleli Mene uthe ube khona umbhikisho, kodwa uqhubeke ngokuthula.
“Ibe khona imibhikisho, kodwa iningi layo ibinokuthula. Sitshale amaphoyisa ezindaweni ezahlukene. Engingakusho ukuthi asikazitholi izigameko ezimbi ezithinta umbhikisho,” kusho uMene.
UMene uthe amaphoyisa ashaqe amathayi angu-16 000 esifundazweni abehloswe ukusetshenziswa kumbhikisho, angu-6 000 ashaqwe e-Nelson Mandela Bay.
I-Nelson Mandela Bay iqokwe njengendawo ehamba phambili lapho kuzobhikishwa khona, ilandelwe uMasipala wase-Buffalo City kanye nesifunda sase-O.R Tambo, eMthatha.
Amaphoyisa e-SAPS e-Eastern Cape athi ami ngomumo futhi alindele noma yini engase yenzeke ephambene nomthetho , kanti i-EFF ithi izimisele ukugcina umbhikisho onokuthula.
Esithombeni esingenhla: Amalungu e-EFF ecula phambi kwenxhanxathela yezitolo e-Boardwalk e-Summerstrand, eGqeberha.
Umthombo wesithombe: U-Anita Dangazele