AwePremier League azicijela isizini entsha

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Amaqembu ayisithupha ahamba phambili ku-Premier League ashaye amagoli amaningi kanti amaqembu amancane athola amathuba eduze kwezintandokazi zabalandeli nabasanda kunasayiniswa njengoba isizini entsha isondela.

Arsenal

Imiphumela ye-Arsenal yangaphambi kwesizini ixubile. Baqale imidlalo yabo yokulungiselela isizini ngokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Nurnberg yase-Germany ngaphambi kokuthi balibangise eMelika ukuyodlala imidlalo ethokozisayo ne-Manchester United ne-Barcelona.

Iqembu likaMikel Arteta belisohlangothini olungalungile njengoba lihlulwe i-United ngo-2-0 kodwa liye lathola ifomu yalo ngesikhathi liwina ngo-5-3 libhekene ne-Barcelona ngamagoli kaBukayo Saka, uKai Havertz, uLeandro Trossard kanye noFabio Vieira.

Baphinde bahlula i-MLS All Star eleven ngo 5-0 e-Washington DC futhi babheke kwenye isizini enkulu kulokhu ngokubuyela ku-Uefa Champions League.

Chelsea

Abalandeli beChelsea bazojabuliswa imiphumela kaMauricio Pochettino ayenze ngaphambi kwesizini. I-Chelsea iwine ku-Premier League Summer Series lapho amaqembu ayisithupha ahamba phambili aseNgilandi athathe khona uhambo oluya eMelika ukuyoqhudelana kwiligi encane phambi kwezithameli ezizimiselayo zaphesheya kwezilwandle.

Ibhola belisezingeni eliphezulu futhi leli qembu lijabulele ukuwina kabili emidlalweni emithathu.

I-Chelsea ithole amaphuzu ayisikhombisa ngesikhathi ihlula i-Brighton 4-3 kanye ne-Fulham 2-0 kodwa yagcina ngokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Newcastle United eqede ngamaphuzu amahlanu endaweni yesithathu yalingana ne-Aston Villa esendaweni yesibili.

Liverpool

Abafana bakaJurgen Klopp banikeze uDominik Szoboszlai no-Alexis Mac Allister ithuba lokudlala ngesikhathi uVirgil Van Dijk ejabulela igoli lakhe lokuqala njengokapteni omusha weqembu.

I-Liverpool ishaye amagoli angu-15 emidlalweni emine, yahlula i-Leicester City ngo 4-0 e-Singapore yaphinde yahlula i-Karlsruhe ngo 4-2 e-Germany.

Ukuzivikela kusadinga ukucijwa njengoba bededele amagoli ayishumi ngesikhathi behlulwa i-Buyern Munich ngo-4-3 kanye nokudlala ngokulingana ngo 4-4 bebhekene ne-Greuther Furth.

Manchester City

Ompetha bahlule i-Yokohama Marinos ngo 5-3 ngaphambi kokujabulela imidlalo bebhekene nezimbangi ezesabekayo e-Japan nase-Korea.

Iqembu likaPep Guardiola eliwine izicoco ezintathu lishaye i-Bayern Munich ngo 2-1 ngamagoli ka-Aymeric Laporte noJames McAtee osemncane. Ngemuva kwalokho bahlulwe i-Atletico Madrid ngo-2-1 naphezu kombukiso ovelele owenze uRuben Dias ashaye igoli ngokuhamba kwesikhathi.

Ngokulandelayo bazoqhudelana kwi-FA Community Shield bebhekene ne-Arsenal e-Wembley ngeSonto.

Manchester United

I-Manchester United inemidlalo yobungani eminingi eklelisiwe futhi ibe nenqwaba yemiphumela egxubile kuze kube manje.

Ngaphambi kokuthi bahlule i-Arsenal, i-United inenebule i-Leeds United ne-Lyon ngeqembu elincane.

Ngemuva kwalokho bahlulwe emidlalweni emithathu kanti i-Wrexham, i-Real Madrid kanye ne-Dortmund zonke ziphume phambili kuneqembu lika-Erik Ten Hag.

Tottenham Hotspur

I-Spurs kudingeke ukuthi ibhekane nengcindezi yokudayiswa kukaHarry Kane futhi namanje ayinaso isiqiniseko sokuthi isihlabani sayo sizohlala eqenjini noma sizobhekisa amabombo ku-Bayern Munich.

Yize kunjalo, abadlali baka-Ange Postecoglou bashaye amagoli ayisikhombisa emidlalweni emibili – okokuqala bahlulwe i-West Ham ngo 3-2 emdlalweni we-London derby e-Australia ngemuva kwalokho bahlula i-Lion City Sailors ngo 5-1 e-Singapore.

I-Premier League izoqala ngoLwesihlanu ngomhlaka-11 kuNcwaba.

Esithombeni esingenhla: UVirgil Van Dijk

Izihloko zakamuva