Aweneme umphakathi ngokungalandwa kukadoti eKapa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Sekuphele amasonto amabili udoti ungaqoqwa endaweni yase-Lower Crossroads, eKapa kanti izakhamuzi zithukuthele zifuna izimpendulo.

UZilungile Titus (40) oyisakhamuzi uthe abaqoqa udoti bebefika njalo ngoLwesithathu bezolanda imigqomo  kadoti. Nokho emasontweni amabili adlule bebekhipha imigqomo yabo ngaphandle kwamagceke abo ngoLwesithathu, kodwa abantu abaqoqa udoti abakaze bafike.

UTitus uthe ezinye izakhamuzi zilahlekelwa imigqomo ngenxa yamasela asebona amathuba okuntshontsha. “Izigebengu zisebenzise leli thuba ukuntshontsha imigqomo kadoti ebinodoti ngaphakathi ngoba sijwayele ukuyishiya kuze kube sebusuku ngenxa yokungabinalo ulwazi lokuthi udoti uzolandwa noma cha.”

ULuyolo Tshaka (39) oyisakhamuzi naye uhambe emazwini kaTitus wacela uMkhandlu waseKapa ukuthi ulungise noma iziphi izinguquko ohlelweni lokuqoqwa kukadoti “Akunampilo ukuhlala nomgqomo kadoti.

Udoti ulokhu unqwabelana futhi asisakwazi ukuvala imigqomo yethu,” kusho isakhamuzi.

Izakhamuzi ziphinde zazwakalisa ukukhathazeka ngezingozi zempilo ezidalwa ukunqwabelana kukadoti njengezimpukane nephunga elibi. Ezinye izakhamuzi sezilahla ezindaweni zokuhlala ngokungemthetho ngenxa yokucikeka.

“Sifanelwe okungaphezu kwalokhu. Asikwazi ukuphathwa ngale ndlela kuyamangaza ukuthi kungani uMasiplala uhluleka ukuxhumana nathi futhi awukwazi ukuqhubeka nokwenza lokhu,” kusho uTshaka.

“Kumele basitshele uma bengeke besafika endaweni yethu ngoLwesithathu ukuze sikhiphe udoti ngaphandle ngosuku olufanele kunokuthi sibe sebumnyameni.”

Kubonakala kuyinkinga yezobuchwepheshe.

“Imibiko yokubambezeleka kokuqoqwa kukadoti endaweni ihlobene kakhulu nenselelo yokunikezwa kwethenda entsha yokuhlinzeka ngezinsiza endaweni,” kusho uNgqongqoshe we-Urban Waste Management, u-Alderman Grant Twigg.

“Bekudingeka ukuthi kube kuqalwa ukuqoqwa udoti kusalindwe inkontileka entsha.”

Uthe kusukela ophenyweni lwalesi sikhalazo kubukeka sengathi abasebenzi abangakajwayeli kahle  bashaya indiva le ndawo. Usuku oluhleliwe lokuqoqwa kukadoti luhlale lungoLwesithathu.

“Lokhu sekufikile kumphathi futhi kuzolungiswa maduze. Uma kukhona ezinye izindawo okungakalandwa kuzo udoti, sicela abantu babike esikhungweni sikaMasipala ku-0860 103 089 ukuze bathole usizo,”

Ukubika izinkinga zokulethwa kwezinsiza kusiza ukuqinisekisa ukuthi zilungiswa ngokushesha okukhulu.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zase-Lower Crossroads ezikhethe ukulahla udoti wazo endaweni yokulahla udoti engekho emthethweni ngemuva kokuthi uMasipala waseKapa uhlulekile ukuqoqa udoti emasontweni amabili edlule.

Umthombo Wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva